Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 IGagasi FM likhuthaza abeselisa

IGagasi FM likhuthaza abeselisa

by | 18 February 2026

UMSAKAZO ozinze KwaZulu Natal iGagasi FM uzibophezele ekukhuthazeni abantu besilisa esikhathini lapho bebhekene khona nezingqinamba ezahlukene zempilo.

Esikhathini lapho ziningi izinselelo ezibhekene nabantu besilisa emphakathini nasemindenini yabo, lo msakazo ukhombisa ukuzibophezela ekwenzeni uguquko ukuze bakwazi ukubhekana nalezi zinselelo.

Ukuzibophezela kwalo msakazo kugqama ezinhlelweni zawo njengoba kunezingosi ezidingida izindaba zabesilisa okuze kubizwe nongoti emikhakheni eyahlukene ukulekelela ezihlokweni okusuke kukhulunywa ngazo.

Ohlelweni lwasemini i Midday Connexion olwenziwa u DJ Sonic noKhaya Mthethwa, kunengosi ebizwa ngokuthi “Indoda Ayikhali” nokulapho kusuke kudingidwa izinselelo nobunzima amadoda abhekana nabo emazingeni ahlukene, kungaba ngokomsebenzi, ukhwantalala, ezothando nokunye.

Kule ngosi nabalaleli besilisa bathola ithuba lokuzwakalisa izimo ababhekene nazo empilweni zabo.

Kule ngosi kujwayele ukumenywa uDkt Ndabe Myeza ukuzolekelela ngezeluleko ezintweni ezisuke zidingidwa.

Enye ingosi ethinta abantu besilisa “Indoda Must” etholakala ohlelweni lwantambama iGagasi Fast Lane olushayelwa uSphectacula, Selby “Selbyonce” Mkhize noDJ Naves.

Le ngosi ibheka indima okulindeleke ukuthi idlalwe ngumuntu wesilisa, nendlela yokuziphatha ngokwempilo yesimanje.

Akugcini lapho, iphinde ilethe ithuba lenkulumo-mpikiswano ekutheni bukhona yini ubulungiswa kwezinye zezinto osekulindeleke ukuthi zibe wumthwalo wabesilisa esikhathini samanje.

Lokhu kwenziwa ngokubheka nhlangothi zonke, kusukela ngokosiko, ngokwenkolo, kuze kufike empilweni yesimanje.

Nakuyona le ngosi abalaleli bayalithola ithuba lokuzwakalisa eyabo imibono ngalokho abakubona kulindelekile kubantu besilisa esikhathini samanje.

Ngenxa yesasasa nemibono eqhamuka kulezi ngosi, lo msakazo ugcine usuqhamuka nesithangami sabantu besilisa esaziwa nge-“Men’s Conference” nokulapho kuye kumenywe khona abesilisa ukuthi bezothamela, bese kuba khona izikhulumi ezahlukahlukene ukudingida izihloko ezithinta bona. Phakathi kwezihloko ezidingidwayo kubalwa ezempilo okubandakanya nezifo ezibamba abantu besilisa, ukuhlukumezeka ngokomqondo, ezamabhisinisi nezemali, imikhakha yemisebenzi nokunye okuningi.

“Inhloso enkulu ye-Men’s Conference nezingosi zabantu besilisa ezinhlelweni wukukhuthaza amadoda ukuthi akwazi ukubhoboka ngezinselelo nengcindezi abhekana nayo empilweni. Sizama ukubakhuthaza ukuthi bakujwayele ukuxoxa, bengafeli ngaphakathi ngoba kuthiwa indoda ayikhali. Ziningi izinkolelo esezikhona mayelana nokuthi kusho ukuthini ukuba umuntu wesilisa. Uma usulandela kahle, ezinye zazo ziyadinga ukubhekisiswa ukuthi zinabo yini ubulungiswa, kodwa ngeke kwenzeke lokho uma ingekho inkundla enika abantu besilisa ithuba lokuphefumula ngezindaba ezithinta bona,” kusho u Ayanda Melansi oyi-Content Specialist kwi-Gagasi FM.

Ezisematheni

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni. Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu...

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

UPHIKO lwamaphoyisa iProvincial and Crime Unit lugasele emzimi kangqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu lwayophenya umuzi wakhe okwaZulu-Natal kwathathwa nomakhalekhukhwini. Amaphoyisa kuthiwa afike nencwadi egunyaza ukuthi kuseshwe umuzi wakhe ayinikwe...

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...