Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Uzovulwa ngedili lokuqhakambisa amasiko uMandulo

Uzovulwa ngedili lokuqhakambisa amasiko uMandulo

by | 28 August 2026

IZOVULWA ngedili elixube umculo, umcimbi wezinkondlo, izinganekwane nokuqhakanjiswa kokudla kwesintu, inyanga yokuqhakanjiswa kamasiko namagugu eNingizimu Afrika.

Inyanga kaSepthemba izokwamukelwa ngomcimbi obizwa ngokuthi yiMandulo Heritage Festival, ozoba seThe Sunbird, eGingindlovu ngomhla ka-5 kuSepthemba.

Lo mcimbi kubhekwe ukuba uhehe izinkumbi zabantu abaqhamuka ezinkalweni ezahlukene ezakhelene noMkhandlu iKing Cetshwayo. Lo mcimbi ozobe uqala ukwenzeka kulo nyaka, uzonikeza abazowuhambela indlela ehlukile yokugubha le nyanga.

Echaza ngalo mcimbi uWellington Makwakwa owengamele ezokuxhumana kuwona lo mcimbi uthe, balindele abantu abangaphezulu kuka-5000.

“Sizobe sinalo lonke uhlobo lokuzithokozisa ngalolu suku. Ngaphandle kobumanandi sizoba nezigamu zokufundisa nokuthuthukisa,” kusho uMakwakwa.

Uthe balindele abantu bamazinga ahlukene kusukela emacikweni asakhula, yizifundiswa, osomlando, yintsha, osomabhizinisi nezikhulu zikahulumeni.

Uqhube ngokuthi ngesikhathi lapho izwe libhekene nezingqinamba ezahlukene ezithinta ukuphila kwabantu, kubalulekile ukuthi bangakhohlwa yilokho okubakhulisayo empilweni.

Yi-Afro Soul eyingxeye yamaciko azonandisa kwiMandulo Heritage Festival, eThe Sunbird, eGingindlovu ngomhla
ka-5 kuSepthemba.

“Amasiko nemvelaphi yomuntu kumqoka, ngakho ngalo mcimbi sizobe sikhuthaza lokhu kodwa ngendlela abantu abazoyithokozela. Sizoqhakambisa amasiko, izilimi nakho konke okuwumsinsi empilweni njengabantu baKwaZulu-Natal, futhi eNingizimu Afrika,” esho.

Phakathi kwabaculi abazonandisa kubalwa uMnqobi Yazo, uNaledi Aphiwe, uJumbo, uLimit Nala, i-Afro Soul noDJ Goldmax.

UMakwakwa uthe nabaculi bendawo bazobe bekhona nabo ukuyoveza ithalente labo.

Ezisematheni

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

IQEMBU iNkatha Freedom Party (IFP), kwaZulu-Natal ligxeka isigameko sokushaywa kulinywazwe amalungu aleli qembu amathathu, abekhankasa eZingolweni, kwaNyuswa, kuWard 34. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi amavolontiya e-IFP ekhankasa ngeSonto kule ndawo. Laba abebenza...

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

IMITHI yesintu iyingxenye yempilo yabamnyama. Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi abanye baze bangabaze ukusebenzisa imithi yasentshonalanga, ngenxa yokukholelwa ekutheni isebenza kangcono eyesintu.Kusukela mhla ka-26 kuya kumhla ka-31 August, kusuke kubungazwa...

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

UMENYEZELWE njengozomela iDemocratic Alliance esikhundleni sobumeya eMhlathuze, uRob Bentele (osezithombeni) owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iSurvivor South Africa. UBentele uzakhele udumo ngo-2019 enqoba kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini...