Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Uzovulwa ngedili lokuqhakambisa amasiko uMandulo

Uzovulwa ngedili lokuqhakambisa amasiko uMandulo

by | 28 August 2026

IZOVULWA ngedili elixube umculo, umcimbi wezinkondlo, izinganekwane nokuqhakanjiswa kokudla kwesintu, inyanga yokuqhakanjiswa kamasiko namagugu eNingizimu Afrika.

Inyanga kaSepthemba izokwamukelwa ngomcimbi obizwa ngokuthi yiMandulo Heritage Festival, ozoba seThe Sunbird, eGingindlovu ngomhla ka-5 kuSepthemba.

Lo mcimbi kubhekwe ukuba uhehe izinkumbi zabantu abaqhamuka ezinkalweni ezahlukene ezakhelene noMkhandlu iKing Cetshwayo. Lo mcimbi ozobe uqala ukwenzeka kulo nyaka, uzonikeza abazowuhambela indlela ehlukile yokugubha le nyanga.

Echaza ngalo mcimbi uWellington Makwakwa owengamele ezokuxhumana kuwona lo mcimbi uthe, balindele abantu abangaphezulu kuka-5000.

“Sizobe sinalo lonke uhlobo lokuzithokozisa ngalolu suku. Ngaphandle kobumanandi sizoba nezigamu zokufundisa nokuthuthukisa,” kusho uMakwakwa.

Uthe balindele abantu bamazinga ahlukene kusukela emacikweni asakhula, yizifundiswa, osomlando, yintsha, osomabhizinisi nezikhulu zikahulumeni.

Uqhube ngokuthi ngesikhathi lapho izwe libhekene nezingqinamba ezahlukene ezithinta ukuphila kwabantu, kubalulekile ukuthi bangakhohlwa yilokho okubakhulisayo empilweni.

Yi-Afro Soul eyingxeye yamaciko azonandisa kwiMandulo Heritage Festival, eThe Sunbird, eGingindlovu ngomhla
ka-5 kuSepthemba.

“Amasiko nemvelaphi yomuntu kumqoka, ngakho ngalo mcimbi sizobe sikhuthaza lokhu kodwa ngendlela abantu abazoyithokozela. Sizoqhakambisa amasiko, izilimi nakho konke okuwumsinsi empilweni njengabantu baKwaZulu-Natal, futhi eNingizimu Afrika,” esho.

Phakathi kwabaculi abazonandisa kubalwa uMnqobi Yazo, uNaledi Aphiwe, uJumbo, uLimit Nala, i-Afro Soul noDJ Goldmax.

UMakwakwa uthe nabaculi bendawo bazobe bekhona nabo ukuyoveza ithalente labo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...