Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uqhamuka nesigqi esehlukile othole ikhaya kwiTouch Africa

Uqhamuka nesigqi esehlukile othole ikhaya kwiTouch Africa

by | 15 August 2025

UKUFANISA nokufezeka kwephupho ukuthola ikhaya Touch Africa Records, uSbongile Shezi osanda kumenyezelwa njengomculo omusha kule nkampani esike yakhiqiza inqwaba yabaculi.

USbongile ozibiza ngeShinga Lezintombi emculweni umenyezelwe ngokusemthethweni kule nkampani egabe ngomzwilili uNaima Kay futhi esike yakhiqiza inqwaba yabaculi phambilini.

Ishinga Lezintombi kulindeleke ukuthi likhiphe ingoma yalo yokuqala ngaphansi kwale nkampani namhlanje ngoLwesihlanu esihloko sithi Oxygen. Likhuluma leLANGA Lempelasonto lizwakalisa ukujabula ngokuthola ikhala kule nkampani yidumo.

“Okujabulisa kakhulu wukwamukeleka ngezandla ezifudumele kubona bonke abasebenza kule nkampani okubalwa noNaima Kay osefana nosisi wami,” kusho Ishinga Lezintombi.

Uthe ingoma yakhe esihloko sithi Oxygen izotholakala kuzona zonke izinkundla zokuthengiswa komculo kusukela namhlanje kuyaphambili.

Uveze kule ngoma usebenze naye uNaima Kay noZakwethu okuyibona abambisane nabo ukukhipha le ngoma ayichaze njengekhuthaza abesifazane ukuba bangaliphosi ithawula othandweni.

“Kuyenzeka umuntu akuhlukumeze ngoba ezitshela uyena yedwa ongakuthanda kanti akunjalo. Ungakwazi ukuthola uthando olusha ubuyele othandweni impilo iqhubeke,” kusho le ntokazi edabuka eThuvukezi Ezingolweni ePort Shepstone.

Ithe iqale uthando lomculo isafunda amabanga aphansi nokuyilaphi igcine eteketiswa ngokuthi Ishinga Lezintombi ngenxa yokushinga kwayo uma icula izingoma.

“Ngesikhathi ngikhula benginendlela yami yokwenza amahubo noma izingoma. Izingoma bengizenza ngendlela yami ehlukile esengiyibiza nge-afro-kandi nokuyisigqi esisha engiqhamuka nasi emculweni,” kusho yena eveza ukuthi lesi sigqi sixuba ese-afro pop nesikamaskandi.

“Uma ngixuba isigqi somculo wami kuphuma engikubiza nge-afro-kandi,” kusho Ishinga Lezintombi.

Liqhube ngokuthi kalijahile ukukhipha i-albhamu njengoba selithole ikhaya kule nkampani kodwa lizolokhu likhipha izingoma kuze kube kushaya isikhathi sokukhipha i-albhamu egcwele ngonyaka ozayo.

ITouch Africa Records iyaziwa ngokusayina abaculi okubalwa kubo amaDa Babes, Msawawa, Ntokozo Masinga, Benzy noMzeyks, Theo Nhlengethwa wodumo lweBoom Shaka nabanye.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...