Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Osebenze nezingqwele uzojabulisa abalandeli eThekwini

Osebenze nezingqwele uzojabulisa abalandeli eThekwini

by | 22 November 2024

LUCKY CAIN

USEBENZE nasebezakhele igama emculweni umculi we-Afro-soul, uNdu Shezi (osesithombeni) osematheni kulezi zinsuku emuva kokuphuma kwe-albhamu yakhe yokuqala ethi “Isibusiso Sami”. Uthi isipiliyoni asithole ngokusebenza nabaculi abehlukene, okuhlanganisa neqembu lodumo, iJoyous Celebration, kumkhulisile emculweni futhi yikhona azokusebenzisa ukuzikhulisa kulo mkhakha. 

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto, uthe ngemuva kokukhipha ingoma yakhe yokuqala ngo-2018, ethi “Ngithanda Wena” ubone sekuyisikhathi sokunika abantu umsebenzi ogcwele, ozochaza kabanzi ngohambo lwakhe emculweni. Uthe yize abaculi abaningi sebeyekile ukukhipha ama-albhamu, yena ubone kufanele ukuthi anike abantu umsebenzi ogcwele. 

“Beseziningi izingoma ebesengizenzile kusukela ngingenile emculweni, yingakho ngibone kufanele ukuba nginike abantu ukuze bazizwele,” kusho uNdu oveze ukuthi izingoma eziningi ezikule albhamu zikhuthazwe yimpilo yakhe nebanga aselihambile kuyona. 

Uthe nakuba esethole isipiliyoni esanele emculweni, kodwa usafana nomculi osemusha njengoba esene-albhamu, ngoba yilapho eseqala ukubhekana khona nezingqinamba zokuzimela kulo mkhakha. “Nakuba zikhona izingqinamba kodwa ngihlalele ethembeni ngoba ngiyawethemba umsebenzi wami ukuthi usezingeni elifanele, futhi nginesiqiniseko sokuthi abantu bazowuthokozela,” kusho yena. Uthe kusukela iphumile i-albhamu yakhe, abantu bakhombisa ukuyamukela. Isiyatholakala kuzona zonke izinkundla zokuthengiswa komculo. Utshele leli phephandaba ukuthi usezinhlelweni zokuya eThekwini, ehambela izindawo ezidlala umculo bukhoma, ngenhloso yokuzwisa abantu amanoni awaqukethe kule albhamu yakhe. “Maduze ngizokhipha izinsuku zokuthi ngizobe ngikuphi ngaluphi usuku,” kusho le ntokazi eke yacula noProfessor engomeni eyashisa izikhotha, ethi “uNobenga”. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...