Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Imeya ikhala ngokuvuza kwemingcele yakuleli

Imeya ikhala ngokuvuza kwemingcele yakuleli

by | 13 November 2025

IGXEKE ukuvuza kwemingcele yakuleli ngokuba yimbangela yokwanda kwezigameko zobugebengu obudla lubi ezindaweni zaseMkhanyakude, iMeya yaseMkhanyakude uMnu Comfort Khumalo.

UKhumalo ubethula inkulumo emcimbini wokwethulwa kohlelo lwentuthuko KwaSomkhele, eMtubatuba. Uthe kuningi ukukhathazeka kumalungu omphakathi ngenxa yokwanda kwezigameko zobugebengu. Umasipala uMkhanyakude ungunina wumasipala abane, okuyiJozini, yiBig 5 Hlabisa, wuMhlabuyalingana noMtubatuba. Bonke labo masipala banamadolobha angaphansi kwabo. 

“Ngikhuluma nje kumanje kuwona wonke amadolobha aseMkhanyakude, kunabantu bokufika abanye babo abangenalo izimvume zokuba kuleli. Lilodwa ikhambi lokuba kuliwe nenkinga yobugebengu; wukuba kuqiniswe ezokuphepha kuyona yonke imingcele engenela kuleli.

“IsiFunda uMkhanyakude siwumakhelwane wamazwe amabili okuyiMozambique neSwaziland. Kuwona womabili la mazwe, kunabantu abaphuma kuwona bangenele kuleli. Asisho ukuthi abantu bakuleli kabayona ingxenye yobugebengu, kodwa iningi lobugebengu likhonjwa kubona abokufika,” kusho uKhumalo. 

Ephawula ngohlelo lwentuthuko, uthe umkhandlu wakhe unesabelomali sika -2026/27 wabelwe imali ewu-R1, 69 billion

“Ziningi izinhlelo okufanele zenziwe yilo mkhandlu ngalesi sabelomali, kodwa namanje udaba lwamanzi lusahamba phambili. Siwumkhandlu sinezinhlelo zokuba sizithengele imishini yokudonsa phansi amanzi.

“Sifuna ukuqeda uhlelo lokuhanjiswa kwamanzi ngamaloli ngoba luthatha imali eningi, futhi kubuye kube nezinkulumo zokuthi kunabashayeli ababuye bawasebenzisele ukuqonywa ngawo.

“Kuyisifiso sami ukuba ngixwayise abantu bakithi, ukuqaphela zonke izinto okungenzeka zibaphazamise ezinhlelweni abanazo zokuphela konyaka. Yisikhathi samaholidi okuphela konyaka. Nginxusa abantu ukuba baphephe. Siyanxusa nokuthi kuqhutshekwe nokwesekwa kwabafundi ikakhulukazi bakamatikuletsheni ababhala izivivinyo zabo zokugcina,” kubeka uKhumalo. le engenela kuleli.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...