
ISITHOMBE: NGUPHILANI ZULU
ZIYAQONGA izinkinga ebuholini bomkhandlu kaMasipala waseJozini oyingane yomkhandlu waseMkhanyakude ngenxa yokwanda kwamaqembu ezombusazwe amashela lo mkhandlu.
Namuhla ngoLwesine amalungu e-African National Congress (ANC) amashele emahhovisi alo mkhandlu ekhala ngokuthi ugutshezelwe yizenzo zenkohlakalo yokwabiwa kwemisebenzi namathenda anikwa osomabhizinisi basendaweni.
Phakathi kwezinye zezinkinga ezibalulwa yileli qembu kube wudaba lokuqasha ngokobuhlobo nangokubhekwa kobulungu bezombusazwe kubantu abasuke befake izicelo zokuqashwa. Uhlu lwezikhalo zaleli qembu lwemukelwe yibamba lemenenja kulo mkhandlu.
Kwenzeka le mashi nje, emasontweni amabili adlule iMK Party ebiholwa nguMnu Bethuel Mthethwa, oke waba yimeya yalo mkhandlu, imashele kuwona lo masipala, ikhala ngesimo esifanayo.
UMnu Verus Ncamphalala ongunobhala we-ANC ngaphansi kwesifunda iNokuhamba Nyawo (eMkhanyakude) uthe ziningi kakhulu izinkinga abangagculisekile ngazo.
"Sikhathazekile ngenkohlakalo eyenzeka lapha emkhandlwini waseJozini. Okukhulu kakhulu sifuna ukuthi kukhishwe ubuholi balo mkhandlu ngoba buyehluleka ukusebenzela umphakathi. Sibanike izinsuku eziyisikhombisa zokuba basiphendule kuzona zonke izinkinga.
"Kumanje umkhandlu ubhekene nenkinga yokucwila ezikweletini. Amakhansela nezisebenzi zalo mkhandlu basibikele ukuthi umkhandlu kawunayo imali. Kuthiwa akukho ngisho eyokuholela izisebenzi," kusho uNcamphalala.