Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umhlangano wamakhosi ngeNgonyama Trust

Umhlangano wamakhosi ngeNgonyama Trust

by | 8 January 2025

IYAQONGA indaba yesikhwama Ingonyama Trust Board njengoba isingenelwa amakhosi uqobo.

ILANGA lizithele phezu kwenye yamakhosi eThekwini yalitshela ukuthi amakhosi asethathe isinqumo sokuzozidingidela mathupha indaba yalesi sikhwama.

Uveze ukuthi lo mhlangano uzohlanganisa inqwaba yamakhosi akulesi sifundazwe.

Usihlalo wamakhosi esifundazweni iNkosi Sifiso Shinga ukuqinisekisile ukuthi ukhona umhlangano wamakhosi kodwa wanganda kakhulu mayelana nalo mhlangano.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...