Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kusolwa eyokulwa “nogombela kwezabo” ngokubulawa kwesishoshovu

Kusolwa eyokulwa “nogombela kwezabo” ngokubulawa kwesishoshovu

by | 10 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUSOLWA ukulwa “nogombela kwezabo” abaqhwaga imisebenzi kahulumeni yokwakha emphakathini mayelana nowesilisa odutshulwe wabulawa eCornubia, eThekwini, ngoLwesine. UMnu Xolani Chala (42) (osesithombeni) udutshulwe wafa, kwalimala kabi omunye wesilisa abenaye, ophuthunyuswe esibhedlela. 

Kuthiwa uChala ubenowesilisa abesizana naye kwamakhelwane, bakha indlu ngesikhathi kuqhamuka abantu abangaziwa, bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona.

Ukuchitheka kwegazi eCornubia sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba njengoba ukubulawa kwabantu kwenzeka amasonto elandelana. Ngeledlule kudutshulwe kwabulawa owesifazane esemzini wakhe, ehleli nezingane zakhe ezimbili, kuyona le ndawo. 

Mayelana nesigameko sangoLwesine, umthombo weLANGALempelasonto okuleya ndawo, ulihlebele ukuthi uChala udutshulwa nje, ubesanda kuhlela umbhikisho endaweni wokulwa nabantu abangogombela kwezabo, abanika abangani babo imisebenzi yasemphakathini.

Uveze ukuthi endaweni kunezinhlelo ezihlanganisa ukwakhiwa kwezindlu zomxhaso. “Into eyenzekayo wukuthi kuneqeqebana elithile eselingogombela kwezalo, elithola imisebenzi lapho kwakhiwa khona izindlu. Uma seliyitholile, liqasha abangani balo nabantu okungebona abendawo. Lokhu bekuwunenga umphakathi. UXolani nabanye bebeyingxenye yokuhlelwa kombhikisho wokulwa nalo mkhubha,” kusho umthombo.

Uthi emuva kombhikisho, kube nomhlangano phakathi kwabebebhikishelwa namalungu omphakathi – kubalwa nomufi – ukuzama ukuthola isixazululo. 

Umthombo uthi lowo mhlangano uphele sekuxatshwana.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala, uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...