Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kusolwa eyokulwa “nogombela kwezabo” ngokubulawa kwesishoshovu

Kusolwa eyokulwa “nogombela kwezabo” ngokubulawa kwesishoshovu

by | 10 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUSOLWA ukulwa “nogombela kwezabo” abaqhwaga imisebenzi kahulumeni yokwakha emphakathini mayelana nowesilisa odutshulwe wabulawa eCornubia, eThekwini, ngoLwesine. UMnu Xolani Chala (42) (osesithombeni) udutshulwe wafa, kwalimala kabi omunye wesilisa abenaye, ophuthunyuswe esibhedlela. 

Kuthiwa uChala ubenowesilisa abesizana naye kwamakhelwane, bakha indlu ngesikhathi kuqhamuka abantu abangaziwa, bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona.

Ukuchitheka kwegazi eCornubia sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba njengoba ukubulawa kwabantu kwenzeka amasonto elandelana. Ngeledlule kudutshulwe kwabulawa owesifazane esemzini wakhe, ehleli nezingane zakhe ezimbili, kuyona le ndawo. 

Mayelana nesigameko sangoLwesine, umthombo weLANGALempelasonto okuleya ndawo, ulihlebele ukuthi uChala udutshulwa nje, ubesanda kuhlela umbhikisho endaweni wokulwa nabantu abangogombela kwezabo, abanika abangani babo imisebenzi yasemphakathini.

Uveze ukuthi endaweni kunezinhlelo ezihlanganisa ukwakhiwa kwezindlu zomxhaso. “Into eyenzekayo wukuthi kuneqeqebana elithile eselingogombela kwezalo, elithola imisebenzi lapho kwakhiwa khona izindlu. Uma seliyitholile, liqasha abangani balo nabantu okungebona abendawo. Lokhu bekuwunenga umphakathi. UXolani nabanye bebeyingxenye yokuhlelwa kombhikisho wokulwa nalo mkhubha,” kusho umthombo.

Uthi emuva kombhikisho, kube nomhlangano phakathi kwabebebhikishelwa namalungu omphakathi – kubalwa nomufi – ukuzama ukuthola isixazululo. 

Umthombo uthi lowo mhlangano uphele sekuxatshwana.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala, uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...