Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Impelasonto emnyama kubuya isigaba 3 se-loadshedding

Impelasonto emnyama kubuya isigaba 3 se-loadshedding

by | 31 January 2025

UNGQONGQOSHE kaGesi nezaMandla eNingizimu Afrika uMnu Kgosientsho Ramokgopa umemezele ukubuya kwe-loadshedding ngoLwesihlanu.

Ungqongqoshe uthe iNingizimu Afrika izongena ngaphansi kwesigaba 3 salolu hlelo lokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kusukela ngoLwesihlanu njengoba kubhekwe ukuthi lokhu kuthathe impelasonto yonke kuze kuklapakele nangesonto elizayo.

Uthe lokhu kudalwe wukufa kweziphehli zikagesi ezitshini zakwa-Eskom ezenza kahle kakhuli eMatimba naseLethabo.

Ekhuluma nabezindaba ekomkhulu lakwa-Eskom eMegawatt Park uthe amandla kagesi abhekene nengcindezi ngenxa yokufa kwalezi ziphehli.

Ukumenyezelwa ngokusemthethweni kokubuya kwe-loadshedding kulandela isexwayiso esikhishwe engoLwesihlanu ekuseni lapho u-Eskom uqale ngokuxwayisa ukuthi ingase ikhuze ibuya eNingizimu Afrika ngemuva kwezinyanga eziyishumi abantu bakuleli bephile ngaphandle kwayo.

Ungqongqoshe uqinise abantu bakuleli idolo ngokuthi lesi yisigaba sesikhashana njengoba benza konke okusemandleni ukuyisela isimo kuleso ebesesijwayelekile kulezi zinyanga eziyishumi ezedlule.

Ukubuya kwe-loadshedding sekuvuse itwetwe kubantu abahlukene kuleli ikakhulukazi lab abasemabhizinisini njengoba lokhu kungase kube nomthelela omubi emabhizinisi wabo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...