Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 USibanyoni ubizelwe kwiKhomishini kaMadlanga

USibanyoni ubizelwe kwiKhomishini kaMadlanga

by | 13 August 2026

USOMABHIZINISI waseMpumalanga osematheni kulezi zinsuku, uMnu Joe “Ferrari” Sibanyoni usethunyelwe amaphepha ambizela kwiKhomishini kaMadlanga ukuba ayophendula ngezinkinga ezikhungethe imboni yamatekisi akuyona.

Le khomishini ithumelele uSibanyoni amaphepha isebenzisa isigatshana somthetho u-10.6. Lo mthetho usuke uphoqa lowo okudingeka izimpendulo kuyena ukuthi aphendule ngokubhala phansi izimpendulo zakhe esisitatimendeni esifungelwe (affidavit) noma avele phambi kwayo ikhomishini ukuzophendula.

Kwenzeka lokhu nje enkantolo kuqhubeka icala elibhekene noCat Matlala nabanye lokuzama ukusoconga lo somabhizinisi. Naye ubhekene necala lokufuna imali ngendluzula nokukhwabanisa alihambayo enkantolo kanye namangalelwe nabo okungoMvimbi Daniel Masilela, Philemon Msiza no-Oupa ‘Bafana’ Sindane.

Kuthiwa baphoqa omunye usomabhizinisi ukuthi akhokhe imali engu-R2 million yokumvikela namabhizinisi akhe phakathi kuka-2022 no-2025.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...