
USOMABHIZINISI waseMpumalanga osematheni kulezi zinsuku, uMnu Joe “Ferrari” Sibanyoni usethunyelwe amaphepha ambizela kwiKhomishini kaMadlanga ukuba ayophendula ngezinkinga ezikhungethe imboni yamatekisi akuyona.
Le khomishini ithumelele uSibanyoni amaphepha isebenzisa isigatshana somthetho u-10.6. Lo mthetho usuke uphoqa lowo okudingeka izimpendulo kuyena ukuthi aphendule ngokubhala phansi izimpendulo zakhe esisitatimendeni esifungelwe (affidavit) noma avele phambi kwayo ikhomishini ukuzophendula.
Kwenzeka lokhu nje enkantolo kuqhubeka icala elibhekene noCat Matlala nabanye lokuzama ukusoconga lo somabhizinisi. Naye ubhekene necala lokufuna imali ngendluzula nokukhwabanisa alihambayo enkantolo kanye namangalelwe nabo okungoMvimbi Daniel Masilela, Philemon Msiza no-Oupa ‘Bafana’ Sindane.
Kuthiwa baphoqa omunye usomabhizinisi ukuthi akhokhe imali engu-R2 million yokumvikela namabhizinisi akhe phakathi kuka-2022 no-2025.







