Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuphume isidumbu kasaziwayo wohlelo Uthando Nesithembu

Kuphume isidumbu kasaziwayo wohlelo Uthando Nesithembu

by | 14 February 2025

LUCKY CAIN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aqinisekise isigameko esenzeke emzini kasaziwayo uMusa Mseleku, sokuthi indodana yakhe uMpumelelo “Sibindi” Mseleku udubule wabulala owesilisa obegasele emzini kayise ehlome ngesibhamu, esigodini sakwaMadlala, eMzumbe ngoLwesihlanu olwedlule.

Udaba lwalesi sigameko lusabalale ezinkundleni zokuxhumana, kwavela izinsolo ezahlukene njengoba kube nabanye abasole ukuthi umufi ubengazile ukugqekeza kodwa ubefuna Mseleku. Basole ukuthi lona wesilisa unobudlelewano nentokazi uMseleku asanda kuyethula njengozoba yinkosikazi yakhe yesihlanu. Abantu babe nemibono eyahlukene ngalesi sigameko esiqale sakhulunyelwa phansi kwazise kugcine kungacaci ukuthi lo mlisa ubezokwenzani njengoba ebehlome ngesibhamu.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda uthe, imibiko iveze ukuthi umufi oneminyaka ewu-25 ubudala, ugasele kulo muzi ehlomile wafica owesifazane obematasa eqhuba umsebenzi wakhe. “Ufike wabe esebuza indodana yomqashi. Lona wesifazane ube esehayiza ememeza nokuyilapho kuphume indodana yomqashi yamdubula,” kusho uColonel Netshiunda. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukugqekeza abe esevula idokoko lophenyo ngokubulawa kwalo mlisa.

UMseleku usematheni kulezi zinsuku kulandela ukubuya kohlelo lwakhe kumabonakude olubizwa ngokuthi Uthando neSthembu oseludlala izinsuku ezimbili ngesonto esiteshini uMzansi Magic. Indodana kaMseleku uMpumelelo nayo iyingxenye yalolu hlelo olukhuluma ngomndeni namakhosikazi akhona.

USibindi uphinde abonakale futhi kolunye uhlelo olungasekho emoyeni olukhuluma ngezingane zikaMseleku olubizwa ngokuthi Izingane Zesthembu. Ethintwa uMseleku ngo-whataspp uzwakalise ukushaqeka ukuthi intatheli yenza udaba kodwa futhi ibuza kuyena. “… ngiyamangala ukuthi wenza udaba ngami kodwa ufuna ngikunike imininingwane,” kuphendula uMseleku ngemuva kokubuzwa ngesigameko esenzeke kwakhe.

Intatheli iqhubekile nokumbuza ukuthi ngabe kukhona yini akwaziyo ngalesi sigameko okuthiwa senzeke kwakhe. Ushaye ngamafuphi “Mfowethu ngeshwa bengingekho angazi lutho,” kuphendula uMseleku osephenduke usaziwayo kwazise kunolunye uhlelo alwethula kumabonakde obuzwa ngokuthi Mnakwethu.

ILANGA lithole ukuthi uSibindi unenkampani yonogada kanti kusolwa ukuthi usebenzise esinye sezibhamu zakhe ukudubula umufi okugcine kungavelanga ukuthi ungowakuphi futhi ubehambisana nobani ukuhlasela kulo muzi. UMseleku unamakhosikazi amane aziwayo aseke abonakala izikhawu kumabonakude nakwezimye izinhlelo okungu uNkk Busisiwe MaCele, uNkk Nokukhanya MaYeni, uNkk Thobile Mayeni noNkk Mbali Mangwabe. Muva nje ohlelweni lwakhe oluqhubekayo kumabonakude usanda kwethula intombi abheke ukuthi ibe ngunkosikazi wesihlanu uNkz Samkelisiwe Khwele.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...