Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Babulawe ngamaphoyisa ababanjwe nemoto yokwebiwa

Babulawe ngamaphoyisa ababanjwe nemoto yokwebiwa

by | 19 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

BASALE enkundleni abosolwa ababili abatholwe nemoto eyebiwe kubanjwa inkunzi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko eMpangeni ngesikhathi. 

Ngokwesitatimende samaphoyisa, abakwasidlodlo bazithele phezu kwemoto ebipakwe ensimini yomoba, kwathi uma esondela kuyona, abasolwa bavulela ngenhlamvu nawo aphindisela. Abasolwa bafela bagcine befele khona lapho. Kutholakale izibhamu ezimbili nezinhlamvu. 

Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi le moto beyebiwe komunye umuzi obekubanjwa kuwona inkunzi KwaMsane, eMtubatuba ngoLwesihlanu olwedlule. Luveze nokuthi  bekunencwadi yenkantolo egunyaza ukuba abasolwa baboshwe mayelana necala lokubulala. abebefunelwa lona. 

* Kwesinye isigameko, amaphoyisa aseMpangeni abophe abasolwa abane – abebefunelwa amacala okugasela emizini yabantu babambe inkunzi. La macala kubikwa ukuthi ebenzeka ezindaweni okubalwa kuzona KwaHlabisa, eMpangeni, eMtubatuba, eRichards Bay naseSikhaleni. 

YIZIBHAMU ezitholakale kubasolwa abebehlalise lubhojozi imiphakathi beyibamba inkunzi.

Kubikwa ukuthi abasolwa baye komunye umuzi eMazimazana, eMpangeni, ngoMgqibelo, bakhomba izisulu ngezibhamu, baziphoqa ukuba zingene endlini. Sebephakathi, baphoqe isisulu ukuba zithumele imali kwi-account yabo. Ngesikhathi beboshwa abasolwa, amaphoyisa athole izibhamu ezintathu nezinhlamvu. Abasolwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoLwesithathu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...