Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Babulawe ngamaphoyisa ababanjwe nemoto yokwebiwa

Babulawe ngamaphoyisa ababanjwe nemoto yokwebiwa

by | 19 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

BASALE enkundleni abosolwa ababili abatholwe nemoto eyebiwe kubanjwa inkunzi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko eMpangeni ngesikhathi. 

Ngokwesitatimende samaphoyisa, abakwasidlodlo bazithele phezu kwemoto ebipakwe ensimini yomoba, kwathi uma esondela kuyona, abasolwa bavulela ngenhlamvu nawo aphindisela. Abasolwa bafela bagcine befele khona lapho. Kutholakale izibhamu ezimbili nezinhlamvu. 

Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi le moto beyebiwe komunye umuzi obekubanjwa kuwona inkunzi KwaMsane, eMtubatuba ngoLwesihlanu olwedlule. Luveze nokuthi  bekunencwadi yenkantolo egunyaza ukuba abasolwa baboshwe mayelana necala lokubulala. abebefunelwa lona. 

* Kwesinye isigameko, amaphoyisa aseMpangeni abophe abasolwa abane – abebefunelwa amacala okugasela emizini yabantu babambe inkunzi. La macala kubikwa ukuthi ebenzeka ezindaweni okubalwa kuzona KwaHlabisa, eMpangeni, eMtubatuba, eRichards Bay naseSikhaleni. 

YIZIBHAMU ezitholakale kubasolwa abebehlalise lubhojozi imiphakathi beyibamba inkunzi.

Kubikwa ukuthi abasolwa baye komunye umuzi eMazimazana, eMpangeni, ngoMgqibelo, bakhomba izisulu ngezibhamu, baziphoqa ukuba zingene endlini. Sebephakathi, baphoqe isisulu ukuba zithumele imali kwi-account yabo. Ngesikhathi beboshwa abasolwa, amaphoyisa athole izibhamu ezintathu nezinhlamvu. Abasolwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoLwesithathu.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...