Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Inhlangano elwela amalungelo abesifazane ithi aluvalwe uhlelo Isencane Lengane

Inhlangano elwela amalungelo abesifazane ithi aluvalwe uhlelo Isencane Lengane

by | 22 April 2025

SIDALE umsindo isiqephu sakamuva sohlelo Isencane Lengane olutshengiswa kwiMoja Love sangeSonto ebesitshengisa isenzo sokuhlukumeza. Lolu hlelo lwezithandani ezimbili uSiyacela noThando Dlamuka ezashada zisebancane, kepha selokhu lwaqala ababukeli bahlezi bekhononda ngokwenzeka kulo.

Abanye babekhala ngokuthi lezi zithandani zisencane kakhulu ukuthi zingagxila emshadweni kumele engabe zibeka imfundo eqhulwini. Ngokuhamba kwesikhathi ababukeli bagcine sebekhala ngokuhlukumezeka okutholwa nguThando emshadweni wakhe, abanye bemfisela ukuba aphume.


Muva nje inhlangano elwela amalungelo abesifazane iWomen For Change ithi lolu hlelo kaluvalwe. Ithi sekuyisikhathi eside abantu baseNingizimu Afrika bebuka imiphumela emibi yokuhlukumeza emphakathini. “Nakuba kunjalo uhlelo lwakumabonakude iSencane Lengane luyaqhubeka ukwenza lesi sihlava kube ngesokuzithokozisa, bephendula ukuhlukumeza ngamazwi nangokomoya kube yinzuzo, lokhu akusibo ubudedengu kepha kuyingozi,” kusho isitatimende

“Ezweni lapho abesifazane nezingane bedlwengulwa, beshaywa futhi bebulawa nsukuzonke, uhlelo olunjengalolu lukushaya indiva lokho futhi luphimisela amathe ezisulwini,” kusho isitatimende seWomen For Change

.Le nhlangano ithi lolu hlelo luthumela umyalezo omubi emphakathini wokuthi ukuhlukumeza kubukeke njengento eyejwayelekile inqobo nje uma kwandisa isibalo sababukeli.
Phambili lesi siteshi sahlawuliswa uR50 000 yiBroadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA) ngokudlala isiqephu esiveza ukuhlukumeza.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...