Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ezikamabonakude/umculo 9 Bathembisa lukhulu ohlelweni olungempilo kaL’vovo

Bathembisa lukhulu ohlelweni olungempilo kaL’vovo

by | 15 November 2026

LUZONIKEZA abantu olunye uhlangothi ngempilo ephilwa nguL’vovo Derrango uhlelo lukamabonakude olukhuluma ngempilo yalo mculi we-kwaito, osanda kwelulama ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi.

Lolu hlelo olubizwa ngeLife with L’vovo, luzoqala ukukhonjiswa ngomhla ka-26 kuNovember, kuMzansi Magic (DStv Channel 161). Ngokwesitatimende esikhishwe ngabakwaMzansi Magic, lolu hlelo luzoqhakambisa olunye uhlangothi ngalo mculi oke wanyamalala kwezomculo, ngenxa yokuxinwa wukugula. Muva nje, useqalile ukubonakala emphakathini.

“Njengoba ngiqala kabusha, ngizobe ngikhombisa indlela engiyihambayo nezingqinamba engihlangabezana nazo ukuzama ukubuyela emculweni, ngingene kwezamabhizinisi nokunye,” kusho uLvovo.

Umdidiyeli walolu hlelo, uSydney Makgwe, uthe udaba lukaL’vovo lukhulu kakhulu kunomculo abantu abawaziyo ngaye.

“Lukhombisa ukulwa nokukhuthaza, nokungaliphosi ithawula nakuba kunzima. UL’ vovo ufana nomuntu othole ithuba lesibili lokuphila empilweni, nokuqala kabusha impilo,” kusho uMekgwe.

Khona manjalo luyaqala nohlelo lukamabonakude esiteshini esifanayo, olukhuluma ngempilo yamatshitshi. Lolu hlelo olubizwa ngokuthi Amatshitshi esimanje, lulandela izintombi nto zesimanje okunguBrighton Shandu, uZamambo Mkhize, uNomzamo Hlophe, uNolwandle Khumalo no-Amanda Mpanza. Lezi zintombi eziphila impilo ehlukile, zizoveza ukuthi kusho ukuthini ukuba yintombi nto esikhathini sesimanje.

Ezisematheni

Zibuye ngesigqi sama-piano Izingane Zoma

Zibuye ngesigqi sama-piano Izingane Zoma

LISHINTSHE ukwenza iqembu elidala likamaskandi ngokuhlanganisa ushuni walo womculo namapiano. Iqembu Izingane Zoma, elidabuka eQhudeni, eNquthu, likhiphe i-albhamu entsha ngoLwesihlanu ebusuku esihloko esithi, “Istofu Sami”. Zimbili izingoma eziqoshwe kwaxutshwa...

I-IFP izokhipha umbiko ngezingxoxo namanye amaqembu

I-IFP izokhipha umbiko ngezingxoxo namanye amaqembu

IQEMBU le-Inkatha Freedom party (IFP) lizokhipha umbiko wokuqala mayelanga nezingxoxo eselizisingethe namanye amaqembu epolitiki ngokubumba uhulumeni ngokubambisana njengoba sekudlule ukhetho loHulumeni baseKhaya. Ngokusho kwethimba elihola izingxoxo zokusebenzisana...