
IZINYEMBEZI zenjabulo umsakazo ozimele ozinze KwaZulu Natal i-East Coast Radio wakhela uNkz Thembeka Shandase waseNtshanga umuzi ngosuku lokubungaza uMengameli wokuqala wentando yeningi eNingizimu Afrika uMnu Nelson Mandela.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule lo msakazo waveza isimo uNkz Shangase aphila ngaphansi kwaso kusukela kwabhidlika umuzi wakhe ngezikhathi zezikhukhula ngo-2022.
Kusukela ngaleso sikhathi uNkz Shangase ubehlala ngaphansi kwesimo esingesihle nezingane zakhe okukhona neyodwa engaphilile kahle.
Lo msakazo waqala umkhankaso wokunxenxa abalaleli nosomabhizinisi ukuba baphose esivivaneni ngenhloso yokufeza iphupho lakhe lokuba nomuzi osesimweni esikahle sokuhlala yena nomndeni wakhe.
UNkz Shangase waveza ukuthi kusukela ehlelwa yilesi sigameko akakaze aluthole usizo kodwa bakhona abafika benza izethembiso zokumsiza kodwa kwagcina kungenzekalanga lutho.

Umkhankaso walo msakazo ugcine uvuna izithelo njengoba ugcine ukwazile ukunxenxa izinkampani ezizimele nosomabhizinisi ukuba basize ngezindlela ezahlukene.
NgoLwesihlanu ngosuku lweMandela Day abasakazi, izikhulu zalo msakazo nezinkampani eziphose esivivaneni zinikele eNtshanga lapho zifike zaqedela ukwakhiwa komuzi kaNkz Shangase wabe esegixabezwa ngezipho ezahlukene ezihlanganisa nezimpahla zasendlini ezahlukene negilosa yokudla.
UNkz Shangase uhluleke wukuzibamba wachiphiza izinyembezi zenjabulo ngesikhathi lo msakazo umnikeza okhiye bomuzi wakhe.

Ubonge lo msakazo nabo bonke abakwazile ukulula isandla ngesikhathi bezwa ngosizi lwakhe.
“Enikwenze kimina nikwenze nakwabanye. Bengingasilindele isithabathaba esingaka bengithi bazongakhela indlu eyigumbi elilodwa. Ngiyamangala uma ngibona lesi simanga,” kusho uNkz Shangase eeqhubeka nokubonga ngokungaphezi ngalesi sibusiso.
Ngalo mcimbi kuphinde kwahlomula nanomakhalwane bakhe uNkz Shangase njengoba bethole amaphasela amagilosa aqhamuka esitolo sakwaPick n Pay.







