Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Mculo 9 Kugqoze izethameli kowamaphinifa

Kugqoze izethameli kowamaphinifa

by | 3 September 2025

NGABANYE besifazane abebeswenke ngamaphinifa emcimbini iPhinifa On Fleek, obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini ngoMgqibelo.


KUGQOZE izethameli kwagqama ukungahleleki kahle emcimbini wokuvala inyanga yabesifazane, obizwa ngePhinifa On Fleek, obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoMgqibelo.

Lo mcimbi bekumele uqale ngokuba nenkundla evulelekile yokucathulisana kwabesifazane, bese kulandela umbukiso wemfashini yamaphinifa, ngaphambi kokuthi kube nedili lomculo. Ngeshwa inkundla yokuvulelana izifuba kwabesifazane ebizoba nezikhulumi eziqavile, igcine ingenzekanga njengoba nesikhathi obekumele umcimbi uqale ngaso, ugcine ungaqalanga ngaso.

Umculi uMawhoo, obengomunye wabaculi abebezojabulisa abantu kuwona, ugcine efika, wathatha izithombe nabanye abebekhona, kodwa kwaphoqa ukuba ahambe engaculanga ngenxa yokuthi umcimbi ubungakaqali. Nomsebenzi wokulungiswa kwesiteji ubungakaphothulwa.

Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabesifazane abebegqoke amaphinifa, kodwa isibalo sabo besingenele ukugcwalisa ihholo lase-ICC. Ukugqoza kwezethameli kulo mcimbi, kugcine kuphoqa ukuthi kushaywe indiva ukuhlukaniswa kwabantu ngokwezigaba zamathikithi abebewathengile.

Umphathi wohlelo ugcine enxusa abantu ukuba basondele nje-ngoba begcine sebegamanxela lapho mbekuhleli khona izicukuthwane nakuba amathikithi abebewathengile abengababeki kuleyo ndawo.

Ukushoda kwezethameli akubenzanga abebenandisa ukuba behlise izinga, njengoba abaculi abakwazile ukujabulisa abantu, beshaye into ecokeme. Kulabo baculi kubalwa uMthandeni SK, amaQwabe Twins, noMjolisi ongene esiteji namagidangoma akhe bedlubhe amaphinifa.

Izethameli zikuthokozele ukubona abaculi beshaya into yamehlo esiteji. Abanye abajabulise abantu kubalwa uDJ Happygal, uDJ Sjerere, uDJ C’ndo (osesithombeni esincane), yiMalini, uDJ Sox, uDladla Mshunqisi nabanye.

UNokuthula Shibe ongumhleli walo mcimbi, uvumile ukuthi zibekhona izingqinamba kodwa wabonga ukwesekwa akutholile kulabo abakwazile ukuphumelela emcimbini wakhe. Uthe uzizwa ethobekile ukuthi kancane kancane iphupho lakhe liyafezeka. Uthi bayafunda ngalo mcimbi, kanti ngokuzayo bazokwenza kangcono ukukhuphula izinga lomcimbi.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...