Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 “Osopolitiki nezisebenzi zikahulumeni kakumele zihlonishwe ngeziqu”

“Osopolitiki nezisebenzi zikahulumeni kakumele zihlonishwe ngeziqu”

by | 11 December 2024

THANDOLUHLE NGUBO

UPHAKAMISE ukuba kuhoxiswe iziqu zokuhlonishwa kulaba abalahlwa amacala, abaziphethe ngendlela engemukelelile emiphakathini kanye nalabo “abanolimu olunenhlabathi” kwezombusazwe umkhandlu i-Council on Higher Education (CHE), obekelele ukusebenza koMnyango weMfundo ePhakeme, ukuletha uzinzo kuwo kanye nokweluleka ungqongqoshe walo mnyango. ICHE iphakamise lokhu ngompelasonto ngesikhathi ihlangene lapho idedele khona umbiko ogcwele, udonsa ngendlebe izikhungo zemfundo ezizimele ngokumele zikuqaphele uma zihlela ukuhlonipha abathile ngeziqu zobudokotela nezobusolwazi. Lo mkhandlu uthi sekukaningi uthola izikhalo ezisola izikhungo ‘ngokuxhaphaza amandla’ ngokungalandeli imithetho efanele yokuhlonipha abathile, ikakhulukazi osopolitiki ngeziqu.


“Ukucacisa izisebenzi zikahulumeni, ezise mahhovisi omphakathi kanye nosopolitiki, akumele bahlonishwe ngeziqu, lokho kuphambene nomthetho. Uma kungukuthi isikhungo semfundo sifsa ukuhlonipha usopolitiki othile, kumele sibe nezizathu ezinqala nezibambekayo futhi ezihambisana nemithetho yezikhungu zemfundo ephakeme,” kusho i-CHE.
Igcizelele ukuthi kungumsebenzi wezikhungo ukuqinisekisa ukuthi imithetho iyalandelwa kuphinde kuhlolwe imilando yalabo efisa ukubahlonipha. Ithi kumele ziqikelele ukuthi umuntu oqokiwe imvelaphi yakhe okufaka phakathi umlando wakhe kwezepolitiki kanye nokuziphatha kusobala futhi kuyahambisana nalokhu okushicilelwe phansi emithethweni yezikhungo. Igxeke ezinye zezikhungo ngokuhlonipha abathile ngenhloso yokuzuza okuthile.


“Kubalulekile ukuthi sikuveze ukuthi ezinye zezikhungo zikhipha lezi ziqu ngenhloso yokuzuza ngasohlangothi lwemali, amandla noma ukuba nezwi kwezepolitiki nokunye. Sifisa ukuba umnyango usicubungulisise isiphakamiso sethu sokuba kuhoxiswe iziqu zokuhlonishwa ezethweswe labo abalahlwe amacala obugebengu, abaziphethe ngendlela engahambisani naleyo eshicilelwe kwinkombandlela yezikhungo yokuhlonipha ngeziqu kanye nalabo “abanolimu olunenhlabathi” nabanemibono egqugquzela udlame kwezepolitiki,” isho.


I-CHE iphethe ngokucacisa izinkulumo ezike zasuka ezinkundleni zokuxhumana ngokusebenza kwalezi ziqu, njengoba bekungacaci ukuthi zihamba zifike kuphi.
“Uma uhlonishwe ngeziqu zobudokotela kodwa ungenazo iziqu ozifundele ezisesigabeni sobudokotela amalungu omphakathi kawavumelekile ukukubiza ngodokotela futhi ubudokotela bakho buphelela emagcekeni nasemicimbini yesikhungo esikuhloniphile,” ichaza.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...