Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bakhulekele ukudlwengulwa, ukubulawa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

Bakhulekele ukudlwengulwa, ukubulawa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

by | 9 April 2025

BAKHETHE ukuyilwa nangomkhuleko impi yokudlwengulwa, ukubulawa nokuhlukunyeswa kwabesifazane nezingane, okudla lubi eNingizimu Afrika.

Kule mpelasonto i-IFP Women’s Brigade (IFPWB), esifundeni iSouth Central (eMlazi), ibambe umqhinqo ohambisana nomkhuleko emarobhothini angenela eMlazi, eduze kwaseMega City, amalungu ayo ephethe izingqwebe ezinemiyalezo ephikisana nalesi sihlava.

“Kubalulekile ukuba sisukume sithi, sekwanele ngokudlwengulwa nokubulawa kwabesifazane nezingane. Sikhethe lawa marobhothi ngenhloso yokuba umyalezo wethu ufinyelele kubantu abaningi ngoba lena yindawo ematasa, engenela eMlazi,” kusho uNkk Tholi Mdladla ongusihlalo we-IFPWB eMlazi.

Uthe kumqoka ukuba umyalezo wokulwa nalesi sihlava ufinyelele kuwona wonke umuntu ngoba siyonqotshwa ngokubambisana.

UNkk Ntombifuthi Ntshayintshayi, onguSihlalo we-IFPWB KwaZulu-Natal, ubeyingxenye yalo mkhankaso kanti nguyena futhi owethule inkulumo yosuku emarobhothini.

Lolu phiko lubonge ukubambisana okube khona phakathi kwe-IFP namaphoyisa, okwenze uhlelo lwabo lwaba yimpumelelo. Kulindeleke ukuba kube nomunye umkhuleko eGugu Dlamini Park, eThekwini, ngoLwesihlanu.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...