Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bakhulekele ukudlwengulwa, ukubulawa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

Bakhulekele ukudlwengulwa, ukubulawa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

by | 9 April 2025

BAKHETHE ukuyilwa nangomkhuleko impi yokudlwengulwa, ukubulawa nokuhlukunyeswa kwabesifazane nezingane, okudla lubi eNingizimu Afrika.

Kule mpelasonto i-IFP Women’s Brigade (IFPWB), esifundeni iSouth Central (eMlazi), ibambe umqhinqo ohambisana nomkhuleko emarobhothini angenela eMlazi, eduze kwaseMega City, amalungu ayo ephethe izingqwebe ezinemiyalezo ephikisana nalesi sihlava.

“Kubalulekile ukuba sisukume sithi, sekwanele ngokudlwengulwa nokubulawa kwabesifazane nezingane. Sikhethe lawa marobhothi ngenhloso yokuba umyalezo wethu ufinyelele kubantu abaningi ngoba lena yindawo ematasa, engenela eMlazi,” kusho uNkk Tholi Mdladla ongusihlalo we-IFPWB eMlazi.

Uthe kumqoka ukuba umyalezo wokulwa nalesi sihlava ufinyelele kuwona wonke umuntu ngoba siyonqotshwa ngokubambisana.

UNkk Ntombifuthi Ntshayintshayi, onguSihlalo we-IFPWB KwaZulu-Natal, ubeyingxenye yalo mkhankaso kanti nguyena futhi owethule inkulumo yosuku emarobhothini.

Lolu phiko lubonge ukubambisana okube khona phakathi kwe-IFP namaphoyisa, okwenze uhlelo lwabo lwaba yimpumelelo. Kulindeleke ukuba kube nomunye umkhuleko eGugu Dlamini Park, eThekwini, ngoLwesihlanu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...