
INKANTOLO eNkulu yaseThekwini igunyaze ukuba kuhlukaniswe ukuqulwa kwamanye amacala kwawu-17 abhekene noMnu Siyanda Myeza (23), ongummangalelwa wesithathu ecaleni lokubulawa kwesihlabani somculo we-hip hop, uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, abadutshulwa babulawa eThekwini ngo-2023.
Lokhu kulandela isicelo sokuhlukaniswa kwamacala ebesifakwe wummangalelwa wokuqala ecaleni lokubulawa kuka-AKA, uMnu Lindokuhle Mkhwanazi, sesekwa ngabanye abammangalelwa abayisithupha kubalwa naye uMyeza. Laba bammangalelwa abawu-7 okunguMkhwanazi, uLindani Ndimande, uMyeza, uMuziwethemba Gwabeni, uLindokuhle Ndimande, uSiyabonga Ndimande noMelusi Ndimande, babhekene namacala awu-11 ahambisane nalelo lokubulawa kuka-AKA.
Phezu kwalawa awu-11, umbuso wengeze amacala awu-6 okuthiwa ahlelwa, enziwa nguMyeza eyedwa ngaphambi lokubulawa kuka-AKA. Kulawa macala engeziwe kubalwa amabili okubulala, amabili okuzama ukubulala, elokuduna imoto nelokutholakala nezinhlamvu.
Umshushisi u-Adv Lawrence Gcaba, utshele inkantolo ukuthi umbuso wengeze lawa macala kaMyeza ngoba ukwenzeka kwawo nobufakazi obuqukethwe kuwo buyahambisana nalobu obuzokwethulwa kulawo ahambisana nokubulawa kuka-AKA. Kulobu bufakazi kubalwa ubufakazi bezibhamu nabanye bofakazi bombuso abazokwethula ubufakazi babo ecaleni lokubulawa kuka-AKA.
Isicelo esifakwe uMkhwanazi safundwa ummeli wakhe, u-Adv Simphiwe Cyril Mlotshwa, besithi ukwengezwa kwamacala kaMyeza kuzobe kungebona ubulungiswa njengoba icala lizodonsa isikhathi eside. Uthi lokhu kakuzuba wubulungiswa njengoba amacala engeziwe kuMyeza enofakazi abaningi abangahlangene namacala awu11 ababhekene nawo bonke.
Ucele inkantolo ukuba inhlukanise amacala engeziwe kuMyeza kulawo awu-11 ababhekene nawo. Lethula isinqumo iJaji uNomfundo Sipunzi, lithi inkantolo iyasemukela isicelo sikaMkhwanzi. Lithi izizathu eziholele ekwemukelweni kwalesi sicelo zizokwethulwa uma sekuphothulwe ukuqulwa kwecala.







