
ISIKHULU samatekisi sakwaMhlanga, eMpumalanga, uMnu Oupa Bafana “King of the Sky” Sindane uphinde wachithwa yinkantolo esicelweni sakhe sokungezi ukuzofakaza kwikhomishini kaMadlanga. Lokhu kuza emva kokuthi uSindane eseke wachithwa yinkantolo esicelweni sakhe abesifake phambilini, lapho abezama khona ukuvimbela le khomishini ukuthi ingayisebenzisi imiyalezo kaWhatsApp eveza ingxoxo eyayiphakathi kwakhe noMnu Joe “Ferrari” Sibanyoni.
Kulokhu uSindane ubefake isicelo enkantolo enxusa ukuthi imvune ekutheni angayi kofakaza kwikhomishini ngoba usematasa uthwasela ubungoma. Inkantolo eNkulu yaseGauteng ichithe leli cala, yathi abengekho amaphepha abewafakile enkantolo. Nasenkantolo ubengekho ummeli wakhe ngoLwesibili ngesikhathi ichitha icala.
Esicelweni sakhe uSindane ubethe uphakanyelwaumoya ahlulwa ukuwulawula ovele umvuke ngenxa yokuthi usohambweni lokuthwasela ukuba yisangoma. Bese kungokwesibili inkantolo imchitha njengoba kwenzekile ngasekupheleni kukaMandulo (September).
Imiyalezo kaWhatsApp ayengafuni ifundwe kwikhomishini yagcina ifundiwe. Kulapho kwavela khona izingxoxo phakathi kwakhe noSibanyoni. Kuyona bekuvela nendaba yokufuna kwabo imali kusomabhizinisi owayethole ithenda okuthiwa bagcina bemkhokhise imali elinganiselwa ku-R2 million, ayeyikhokha ngo-R100 000 ngenyanga.
Kumanje uSibanyoni uhamba leli cala okuyilona elambophisa, nafike kwiMadlanga wachaza le mali njengomhlomulo onikwa osomabhizinisi bendawo uma kukhona umuntu othole ithenda.







