
KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala ukuthi uphazamiseke umqondo ngenxa yokusebenzisa kakhulu izidakamizwa, utholwe ehleli nesidumbu sikanina okuthiwa bese siphuma izimpethu.
Amaphoyisa akwaZulu-Natal akuqinisekisile ukuthi kuvulwe idokodo lokushona komuntu kodwa kusaphenywa imbangela yokushona kwakhe.
USihlalo we-Ilovu Crime Stoppers, uNkz Nokuphila Mkhize, uthe kuningi okungaqondakali ngokushona kukaNkz Mashila njengoba nendodana yakhe ingazimisele ukuchaza ukuthi kwenzekeni. Uthe nasemnyango ibingafuni ukubavulela ngesikhathi bezohlola isimo njengoba bekukhala omakhelwane ngephunga elibi ebeliqhamuka emzini kamufi.
Endlini uthe indodana ibizihlalela nesidumbu sikanina iziqhubekela nokudla kungathi akwenzeke lutho. Uthe bayifice izibhemela insangu iqeda ukudla isinkwa namaqanda iphuza netiye. Yize bekunuka into engabekezeleleki, uthe kuyona bekungenankinga futhi izikhululekele nje.
Endlini uthe kutholakale amabhakede abegcwele igazi obekubukeka sengathi lalitheleka sengathi bekunqunywa inkukhu. Nesidumbu sikaNkz Mashila kuthiwa ubeqeda ukusithela ngamanzi ephungula izimpethu. Indodana kuthiwa ibinolaka uma isifuna imali yokubhema.







