Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Isiqinisekisiwe imihlomulo yeFifa Club World Cup

Isiqinisekisiwe imihlomulo yeFifa Club World Cup

by | 26 March 2025

I-Federation of International Football Association (FIFA) isiqinisekise imihlomulo ezotholwa ngamakilabhu azobamba iqhaza kwiFIFA Club World Cup ezoqala ngoNhlangulana (June), kuwona okukhona nekilabhu yakuleli.

Ozodla umhlanganiso kulindeleke ukuthi athole u-USD 125 million (olinganiselwa ku-R2,277,287,500 ngokwamandla email yaseNingizimu Afria).

Okuqaphelekayo, amakilabhu azobamba iqhaza avela ezwenikazi i-Afrika – okuhlanganisa iMamelodi Sundowns, i-Al Ahly, iWydad Casablanca ne-Esperance – azothola isiqiniseko sika-USD 9.55 million (olinganiselwa ku-R174 million).

Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu, iFIFA iveze uhlu lwemihlomulo.


“Ngaphezu kwemiklomelo yamakilabhu abambe iqhaza, kunohlelo lokutshalwa kwemali lobumbano olungakaze lubonwe, lapho sihlose khona ukuthi kunikezwe ama-dollar ayizigidi ezingu-250 ebholeni lamakilabhu emhlabeni wonke.”

“Kakungabazeki ukuthi lokhu kuzogqugquzela ubumbano kunike nomfutho omkhulu emizamweni yeFifa eqhubekayo yokwenza ibhola libe limbulunga yonke ngempela. Isiyonke imihlomulo kulo mqhudelwano wu-USD 1 billion, ohlanganisa izinsiza zokusebenza kwezemidlalo engu-USD 475 wezigidi kanye nemihlomulo yokubamba iqhaza ewu-USD 525 wezigidi isiyonke.

  • Isiteji samakilabhu ( kule midlalo emithathu) simi kanje:
    U-USD 2.0 million ngokuwina, bese kuba wu-USD 1.0 million ngokutonyulwa kwekilabhu
    Kwi-Last-16: USD 7.5 million
    Kuma-quarter-final: USD 13.125 million
    Kuma-semi-final: + USD 21.0 million
    Owokugcina: + USD 30.0 million
    Owinile: + USD 40.0 million

Ezisematheni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...

ISagiya Foundation yethula uhlelo lokuthuthukisa ezobuciko

ISagiya Foundation yethula uhlelo lokuthuthukisa ezobuciko

INHLANGANO engenzi nzuzo i-Sagiya Foundation, ngokulekelelwa yi-National Arts Council of South Africa (NAC), iyajabula ukumemezela umkhankaso omkhulu nomkhosi wezobuciko oyingqophamlando obizwa ngokuthi Inaugural Bulwer Imbizo Yobuciko Capacity Building and Arts...

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UMGUBHO waminyaka yonke wokukhumbula iSilo uShaka, umsunguli wesizwe samaZulu, useKing Zwelithini Stadium, eMlazi, kulo nyaka. Uzoba ngoLwesine, njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sanquma ukuthi imigubho yeLembe, ibengawo umhla ka-24 kuMandulo (September), ilanga...