UVULE ngewini ekilabhini yakhe entsha iNedbank Running Club, uLoveness Madziva edla umhlanganiso kwiGqeberha Ultra Marathon (50km) ngoMgqibelo khona belu eGqeberha.
Lo msubathi nyakenye ubegijimela iHollywood Athletics Club njengoba nonyaka esevumbuka kwiNedbank. ULoveness ushaye intambo ngesikhathi esiwu-3:26:27 engena unombolo 14 emjahweni uwonke. Indawo yesibili ithathwe nguGladys Jepchirchir ongene ngo-3:30:57 kwathi uDane Cronje wathatha indawo yesithathu eqopha isikhathi u-3:46:42.
ULoveness waseZimbabwe uthi uye kulo mjaho engazizwa kahle kodwa waqunga isibindi waya ngoba engafuni ukuphoxa ikilabhu yakhe entsha ebisimhlelele yonke into.
ULoveness ekhuluma neLANGA ngemuva komjaho wakhe wokuqala nonyaka uthe: “Ngijabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho. Kuzokhumbuleka ukuthi kangigijimanga nyakenye ngenxa yokulimala, cishe ngihlale unyaka wonke ngingagijimi.
“Sengiluleme ngokwanele manje. Nginethemba lokuthi unyaka uzongiphatha kahle. Umjaho engiyibhekile nonyaka iTwo Oceans neComrades Marathon. Ngiyigijimile iTwo Oceans ngo-2024 ngangena unombolo 3, nakulo nyaka ngizimisele ukwenza kahle kuyona. Uma ngingaphuma nabokuqala abathathu ngizojabula kakhulu.
“NeComrades nayo ngiyigcine ngo-2024 ngingena unombolo 13 ngiqopha u-6:34. Iphupho lami ukungena nabokuqala abalishumi kwiComrades.”
Uthi ngaphambo kokuya kwiTwo Oceans ezokuba mhla ka-11 ku-April uzohlangana nomqeqeshi uMthandeni Nene weNedbank ayoziqesha nethimba lakhe ngoba okwamanje uziqeqesha yedwa. Uthi kunzima ukunqoba lemijaho emikhulu uma uziqeqesha ngawedwa.
“Ngaphambi kokuba ngiye eCape Town kwiTwo Oceans kuneMarathon eyodwa engizoyigijima kule nyanga noma ngenyanga ezayo ukuzigcina ngiqatha ukumelana nale mijaho engiya kuyona.” kuphetha uLoveness.







