Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Uvule ngewini ekilabhini entsha

Uvule ngewini ekilabhini entsha

by | 1 February 2026

UVULE ngewini ekilabhini yakhe entsha iNedbank Running Club, uLoveness Madziva edla umhlanganiso kwiGqeberha Ultra Marathon (50km) ngoMgqibelo khona belu eGqeberha.

Lo msubathi nyakenye ubegijimela iHollywood Athletics Club njengoba nonyaka esevumbuka kwiNedbank. ULoveness ushaye intambo ngesikhathi esiwu-3:26:27 engena unombolo 14 emjahweni uwonke. Indawo yesibili ithathwe nguGladys Jepchirchir ongene ngo-3:30:57 kwathi uDane Cronje wathatha indawo yesithathu eqopha isikhathi u-3:46:42.

ULoveness waseZimbabwe uthi uye kulo mjaho engazizwa kahle kodwa waqunga isibindi waya ngoba engafuni ukuphoxa ikilabhu yakhe entsha ebisimhlelele yonke into.

ULoveness ekhuluma neLANGA ngemuva komjaho wakhe wokuqala nonyaka uthe: “Ngijabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho. Kuzokhumbuleka ukuthi kangigijimanga nyakenye ngenxa yokulimala, cishe ngihlale unyaka wonke ngingagijimi.

“Sengiluleme ngokwanele manje. Nginethemba lokuthi unyaka uzongiphatha kahle. Umjaho engiyibhekile nonyaka iTwo Oceans neComrades Marathon. Ngiyigijimile iTwo Oceans ngo-2024 ngangena unombolo 3, nakulo nyaka ngizimisele ukwenza kahle kuyona. Uma ngingaphuma nabokuqala abathathu ngizojabula kakhulu.

“NeComrades nayo ngiyigcine ngo-2024 ngingena unombolo 13 ngiqopha u-6:34. Iphupho lami ukungena nabokuqala abalishumi kwiComrades.”

Uthi ngaphambo kokuya kwiTwo Oceans ezokuba mhla ka-11 ku-April uzohlangana nomqeqeshi uMthandeni Nene weNedbank ayoziqesha nethimba lakhe ngoba okwamanje uziqeqesha yedwa. Uthi kunzima ukunqoba lemijaho emikhulu uma uziqeqesha ngawedwa.

“Ngaphambi kokuba ngiye eCape Town kwiTwo Oceans kuneMarathon eyodwa engizoyigijima kule nyanga noma ngenyanga ezayo ukuzigcina ngiqatha ukumelana nale mijaho engiya kuyona.” kuphetha uLoveness.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...