Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ubeziqeqesha njengesosha umsubathi wakuleli oqophe irekhodi lomhlaba kwi-100km

Ubeziqeqesha njengesosha umsubathi wakuleli oqophe irekhodi lomhlaba kwi-100km

by | 28 August 2025


UBEZIQEQESHA njengesosha umsubathi waKwaZulu-Natal uSibusiso Kubheka oqophe umlando eba ngumsubathi wokuqala emhlabeni ukuqopha isikhathi esingaphansi kwamahora awu-6 kwi-100km.


Lo msubathi ozalelwe eMtshezi uqophe isikhathi esiwu-5:29:20 edla umhlanganiso kulo mjaho obuxhaswe ngabaxhasi bakhe I-Adidas obungoLwesibili ekuseni e-Italy. UKubheka ugijimela iXcel Running Club, uqeqeshwa nguXolani Mabhida ozakhele udumo edla umhlanganiso kwiComrades Marathon amahlandla amathathu noBongumusa Mthembu.

Ngaphambi komjaho uMabhida uthe lo msubathi ubeziqeqesha eFree State esizana noPule noSimon Sibeko beMaxed Elite. UMabhida uthi ngolunye usuku, unike uKubheka isikhwama, wafaka iziphuzo, wamyisa ehlathini eyokwenza u-60km yedwa. Uthi ubemlandela ngemoto kanti inhloso yakhe ubefuna ukumenza abe unenhliziyo embi, akwazi ukumelana nabo bonke ubunzima.

“Lo mjaho ubungelula kodwa bengazi ukuthi uzonqoba futhi ngimtshelile ukuthi uzonqoba. Ube nenkinga phakathi nomjaho ehlushwa yisisu, okuphoqe ukuba aye e-toilet. Bangifonelile abakwa-Adidas bathi angimkhiphe ngoba unenkinga, nganqaba.

“Ngithathe iCoke ngayifaka usawoti, ukuzama ukunqamula isisu. Ngimtshele ukuba angabe esawasebenzisa ama-supplement ngoba azomphazamisa. Wenza njengoba ngimtshelile. Engikuthanda ngoKubheka wukuthi uyalalela futhi uyahlonipba, uvele angikhumbuze UMthembu,” kusho UMabhida.


Uqhube wathi ngesikhathi befika e-Italy bebembuka nje, bengamthembi kodwa ngesikhathi esenqoba umsubathi wakhe, uthole okukhulu ukuhlonishwa. Uthi kulo mjaho bekukhona umqeqeshi kaPiet Wiersma onqobe iComrades nyakenye kanti kulo nyaka ungene isibili kwiComrades.

UMabhida uphatheke kabi ngokuthi abeKZN Athletics nohulumeni waKwaZulu-Natal bebengekho ukuzokwamukela lo msubathi ngesikhathi efika esikhumulweni sezindiza ngoLwesithathu ntambama.

UKubheka uthe ujabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho obunzima. Uthi ubonga umqeqeshi wakhe ngokukholelwa kuyena kanye nabaxhasi bakhe bakwa-Adidas ngalo mjaho.

UMandla Mngomezulu weXcel uthe bajabule kakhulu ngempumelelo kaKubheka. Uthe ngesikhathi beyisungula le kilabhu ngo-2020, inhloso kwakuwukuba yaziwe umhlaba wonke.

Ezisematheni

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...