
IHLALELE ovalweni indodana yomdidiyeli waseKing Cetshwayo, uMnu Senziwanjani Xulu (61), (osesithombeni), odutshulwe wabulawa ngoLwesine ntambama, ukuthi kungenzeka nayo yenzakaliswe njengoyise, njengoba ithi ithola izinsongo emsebenzini uyise abeyinduna kuwona.
UXulu ubulawe ngoyaba lwezinhlamvu ephuma emsebenzini, ehamba ngemoto yomsebenzi. ILANGA lifike kwaXulu oBuka, eMpangeni, ngoMgqibelo umndeni umatasa, uhlela usuku lomngcwabo. Indodana kamufi uMnu Njabulo Xulu (35), ithe ihlafuna ijeqeza okwenyamazane, njengoba ibivele ithola izinsongo noyise ebisebenza naye enkampanini yezokuthutha.
“Ubaba ubeyinduna (supervisor) emsebenzini. Ngesikhathi ezokwethulwa, ezinye izisebenzi kazizange zikujabulele lokho, zikhala ngokuthi ngeke ziphathwe ngumuntu ongeyena owesizwe sazo (esho esigagula leso sizwe). Le ndaba yaze yangenelelwa wumphathi omkhulu, ezama ukuyixazulula ngokuxhumana nesakhiwo sobukhosi bendawo.
“Umphathi omkhulu wagcina eqhubeka nesinqumo sakhe, sokuthi uyambeka ubaba (uSenziwanjani) ukuba kube nguyena ophatha lo msebenzi. Ubaba ungene emsebenzini wobuduna ngesikhathi kutelekiwe, abanye abashayeli bangabe besabuya kuleso siteleka. Nami ngangikade ngimile kodwa ngagcina ngibuyile. Ngiqale lapho ukuthola izinsongo kuthiwa ngizobulawa, bethi bayangazi lapho engihambela khona njengoba ngingumshayeli.
“Sengike ngahlaselwa ngisemsebenzini, ngilayishe abagibeli. Nangesonto eledlule bengingekho emsebenzini kukhona ongibambele, bafika, bamtshela ukuba angazise ukuthi ngizodutshulwa,” esho.
UNdunankulu wesizwe sakwaXulu uMnu Funokwakhe Xulu, uthe balimele kakhulu.
“Kayikho into yesizwe sakithi ebengiyenza ngaphandle kwakhe. ubewukhonze kakhulu umndeni, engakhethi ukuthi ungowayiphi indlu. Ubelesaba ihlazo. ngaso sonke isikhathi ubeluleka izingane zakhe ukuba zihloniphe, zingamphoxi. Ubeyiqhawe, engazenyezi. uma esefiki-le, ubesebe-nza kuja-bule wonke umuntu,” kusho undunankulu.
Nenkosi yesizwe sakwaBiyela, uPhiwayinkosi Biyela, ibhonge emswanini.
“Ubeyiqhawe elethembekile. Ngisho endlunkulu kaZulu uqobo ubefika alekelele kakhulu. Ngiyayikhalela nayo kakhulu,” kusho inkosi.
UXulu ubaziwa kakhulu njengomdidiyeli obekhuthele, futhi ewathanda kakhulu amakhosi. Emicimbini eminingi ebihanjelwa yindlunkulu kaZulu namakhosi, ubesuke ekhona, eyingxenye yayo. Kuyona ubefike afundise amabutho ngokuziphatha, awaqoqe azowaveza phambi kwamakhosi.
Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana uThulani, uthe bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala.
“Sife olwembiza. iSilo uMisuzulu kaZwelithini sijabhe kakhulu ukuzwa lezi zindaba. UXulu simgcine ngomhla ka-29 kunembizo, waze walala lapha esigodlweni ngendlela okwakumatasa ngayo. Sikhalela umndeni, isizwe sakwaXulu namabutho, sithi dudu,” kusho uMntwana uThulani.
Umufi uzokhumbuleka ngomunye unyaka exosha uNgizwe Mchunu komunye wemicimbi owawuseMpangeni, wamqhuba ngesikhwili, emkhipha esigcawini. Lapha wayemsola ngokuthi udelele amakhosi ezinkundleni zokuxhumana, ngakho kufanele ukuba aqale ayoxolisa ngaphambi kukuhambela imicimbi yawo.
UXulu udutshulwe emgwaqweni u-R34, ophakathi kwaseMpangeni neShowe, emi kwisivimbamgwaqo (stop and go).
Ngokuthola kweLANGA emndenini, ushonele lapho njengoba befike esethule. Zibalelwa ku-8 izinhlamvu adutshulwe ngazo.
Uzofihlwa ngeSonto emzini wakhe oseSidakeni, oBuka, eMpangeni. Ushiye amakhosikazi awu-5, uBongekile (uMaBiyela), uZodwa (uMaMthembu), uThabisile (uMaThwala), uThandekile (uMaMthimkhulu) noHloniphile (uMaZungu), izingane eziwu-24, nabazukulu abawu-36.







