Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli wenelisekile ngokusebenza kukahulumeni wenhlanganisela eKZN

UNtuli wenelisekile ngokusebenza kukahulumeni wenhlanganisela eKZN

by | 19 June 2025


UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthi unelisekile ngendlela uhulumeni obunjwe ngamaqembu ehlukene osebenza ngayo esifundazweni.

NgoLwesithathu uMphemba ubenesithangami sabezindaba kwasize bekuphela unyaka uhulumeni obuswa ngokubambisana (Government of Provincial Unity), wasungulwa. Uhulumeni wabunjwa yi-IFP, i-ANC, iDA, neNFP, njengoba iMK Party, eyathola amavoti amaningi, yenqaba ukuba yingxenye yawo, yancamela ukuba yiqembu eliphikisayo esiShayamthetho.


“Kuningi esesikwenzile ngomoya wokubambisana, ngenhloso yokuphucula impilo yabantu baKwaZulu-Natal. Inselelo kube yizikhulula ezike zahlasela, nomnotho ongakhuli ngendlela esifuna ngayo. Ingqalasizinda ewohlokayo, nayo ibe yisithiyo ezinhlelweni zethu zokuletha intuthuko,” kusho isitatimende sikaNtuli.


Isitatimende sifakazelwe nguMholi weDA esifundazweni, uMnu Franscios Rodgers, othe kawukho umdonsiswano, futhi bagculisekile ngobuholi bukaNdunankulu uNtuli.

I-ANC, yanikwa umsebenzi wokuba ihole imisebenzi yesiShayamthetho eKZN, njengoba uSomlomo kunguNksz Nontembeko Boyce, uNgqongqoshe wezokuThutha, kunguMnu Siboniso Duma, onguMholi seGovernment Business.


I-Action SA ikhiphe isitatimende ithi kuyihaba ukuthi uhulumeni obuswa ngokubambisana eKZN, wenza umsebenzi oncomekayo.


‘Uma ubheka izinga lobubha nezigameko zobugebengu ezindaweni ezahlukene zesifundazwe, uyabona ukuthi luselude ukhalo okufanele kwedlulwe kulona,” kusho isitatimende se-Action SA.


Yize yake yenyuka imimoya kuhulumeni obuswa ngokuhlananyela kuzwelonke (GNU), ngenxa yokuhlongozwa kokwenyusa iVAT, kodwa eKZN, lokhu kubonakala kungabanga namthelela.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...