Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli wenelisekile ngokusebenza kukahulumeni wenhlanganisela eKZN

UNtuli wenelisekile ngokusebenza kukahulumeni wenhlanganisela eKZN

by | 19 June 2025


UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthi unelisekile ngendlela uhulumeni obunjwe ngamaqembu ehlukene osebenza ngayo esifundazweni.

NgoLwesithathu uMphemba ubenesithangami sabezindaba kwasize bekuphela unyaka uhulumeni obuswa ngokubambisana (Government of Provincial Unity), wasungulwa. Uhulumeni wabunjwa yi-IFP, i-ANC, iDA, neNFP, njengoba iMK Party, eyathola amavoti amaningi, yenqaba ukuba yingxenye yawo, yancamela ukuba yiqembu eliphikisayo esiShayamthetho.


“Kuningi esesikwenzile ngomoya wokubambisana, ngenhloso yokuphucula impilo yabantu baKwaZulu-Natal. Inselelo kube yizikhulula ezike zahlasela, nomnotho ongakhuli ngendlela esifuna ngayo. Ingqalasizinda ewohlokayo, nayo ibe yisithiyo ezinhlelweni zethu zokuletha intuthuko,” kusho isitatimende sikaNtuli.


Isitatimende sifakazelwe nguMholi weDA esifundazweni, uMnu Franscios Rodgers, othe kawukho umdonsiswano, futhi bagculisekile ngobuholi bukaNdunankulu uNtuli.

I-ANC, yanikwa umsebenzi wokuba ihole imisebenzi yesiShayamthetho eKZN, njengoba uSomlomo kunguNksz Nontembeko Boyce, uNgqongqoshe wezokuThutha, kunguMnu Siboniso Duma, onguMholi seGovernment Business.


I-Action SA ikhiphe isitatimende ithi kuyihaba ukuthi uhulumeni obuswa ngokubambisana eKZN, wenza umsebenzi oncomekayo.


‘Uma ubheka izinga lobubha nezigameko zobugebengu ezindaweni ezahlukene zesifundazwe, uyabona ukuthi luselude ukhalo okufanele kwedlulwe kulona,” kusho isitatimende se-Action SA.


Yize yake yenyuka imimoya kuhulumeni obuswa ngokuhlananyela kuzwelonke (GNU), ngenxa yokuhlongozwa kokwenyusa iVAT, kodwa eKZN, lokhu kubonakala kungabanga namthelela.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...