Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Usuku olusha lokuvalwa kokubhalisela izipaza

Usuku olusha lokuvalwa kokubhalisela izipaza

by | 18 December 2024

NGUNGQONGQOSHE wezoHulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuko, uMnu Velenkosini Hlabisa.

INTATHELI YELANGA

UHULUMENI uhlehlise usuku lokuvalwa kokubhalisela ama-spaza njengoba sekuzovalwa ngomhla ka-28 kuNhlolanja (February) wonyaka ozayo. Phambilini kwakumenyezelwe ukuthi kuzovalwa mhla ka-17 kuZibandlela (December).

Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokwanda kwezigameko zezitolo ezithengisa ukudla okungekho esimweni, iningi lazo eliphethwe ngabokufika, uhulumeni waqhamuka nesu lokuthi zonke izipaza kumele zibhaliswe ngokusemthethweni, ukuze zikwazi ukusebenza ngaphansi kwemigomo elawula amabhizinisi kuleli.

Kuke kwabikwa izikhawu eziningi ngokushona kwezingane, ezinye zaphuthunyiswa ezibhedlela, ngezinsolo zokudla ukudla okunobuthi okuthengwe kwezinye zalezi zitolo.

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu, uNgqongqoshe woMnyango wezoHulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuko, uMnu Velenkosini Hlabisa, unxuse abanikazi balezi zitolo ukuba babhalise lungakafiki usuku olusha lomnqamulajuqu.

Khonamanjalo, esithangamini sabezindaba ngoLwesibili, uNdunankulu wakwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthe bewuhulumeni basazoqhubeka nokugasela kulezi zitolo bengamemezelanga, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zidayisa ukudla okuseqophelelweni elifanele, futhi okungakaphelelwa yisikhathi.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...