Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Usuku olusha lokuvalwa kokubhalisela izipaza

Usuku olusha lokuvalwa kokubhalisela izipaza

by | 18 December 2024

NGUNGQONGQOSHE wezoHulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuko, uMnu Velenkosini Hlabisa.

INTATHELI YELANGA

UHULUMENI uhlehlise usuku lokuvalwa kokubhalisela ama-spaza njengoba sekuzovalwa ngomhla ka-28 kuNhlolanja (February) wonyaka ozayo. Phambilini kwakumenyezelwe ukuthi kuzovalwa mhla ka-17 kuZibandlela (December).

Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokwanda kwezigameko zezitolo ezithengisa ukudla okungekho esimweni, iningi lazo eliphethwe ngabokufika, uhulumeni waqhamuka nesu lokuthi zonke izipaza kumele zibhaliswe ngokusemthethweni, ukuze zikwazi ukusebenza ngaphansi kwemigomo elawula amabhizinisi kuleli.

Kuke kwabikwa izikhawu eziningi ngokushona kwezingane, ezinye zaphuthunyiswa ezibhedlela, ngezinsolo zokudla ukudla okunobuthi okuthengwe kwezinye zalezi zitolo.

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu, uNgqongqoshe woMnyango wezoHulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuko, uMnu Velenkosini Hlabisa, unxuse abanikazi balezi zitolo ukuba babhalise lungakafiki usuku olusha lomnqamulajuqu.

Khonamanjalo, esithangamini sabezindaba ngoLwesibili, uNdunankulu wakwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthe bewuhulumeni basazoqhubeka nokugasela kulezi zitolo bengamemezelanga, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zidayisa ukudla okuseqophelelweni elifanele, futhi okungakaphelelwa yisikhathi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...