Ilanga News
Home 9 Ezezimoto Featured 9 Iyisixazululo kwabanemindeni emikhulu iHyundai Alcazar

Iyisixazululo kwabanemindeni emikhulu iHyundai Alcazar

by | 29 August 2025

Ishaye Izule noZandile Tembe


NAKUBA kuyimoto engeke ikudonse ngenxa yokwakheka nokubukeka kwayo, kuningi okuthola kuyo ngenani elingakhalisi uma ubheka ukubiza kwezimoto esikhathini samanje.

Ngikuthokozele kakhulu ukuphepha kwayo nendlela eyanela ngayo umndeni njengoba inezihlalo eziyisikhombisa (7), enganela umndeni onamalungu awu-7 nengane encane ngaphezulu.

Njengoba sesake sakubalula phambilini, izimoto zakwaHyundai zingezinye ezihamba phambili ngokuthengwa eMzansi.

Lokhu kungenxa yeminyaka bekulomkhakha, nangokunakekelwa kwayo noma isiphumile egalaji lezimoto (after sales service).

Nakhu ongakuthola kwi-Alcazar:
🚗 Uhlobo lwenjini engamalitha awu-2.0L kwesebenzisa uphethiloli noma engamalitha awu-1.5L kwehamba ngodisili (diesel). 
🚗 Ama-airbag ayisithupha (6), lokhu kusho ukuthi lapho kuba nengozi nabahamba nomshayeli bavikelekile ngawo
ama-airbag
🚗  Umshayeli unomsizi ngoba kunezinsiza ezisebenza ngogesi, eziqinisekisa ukuthi imoto inamathele nasemajikeni. Iyakwazi futhi ukukuqondisa lapho uphuma emzileni noma ususondele kakhulu ezimotweni ozilandelayo.
🚗 Benze nesiqiniseko sokuthi uzizwa njengenkosi lapho ushayela, njengoba izihlalo zingezesikhumba soqobo, eziphefumulayo okusho (ventilated) ukuthi awujuluki lapho kushisa kakhulu, uthola umoya opholile nofudumele (airconditioner).

Nakulabo abangemuva kunokusamatafula, lapho befuna ukudla noma ukufunda nokusebenzisa ezobuchwepheshe.

🚗 Kwezobuchwepheshe, i-Alcazar ine-8-inch screen, lapho ukwazi ukuxhuma konke okuhambisana nobuchwepheshe okune-Apple CarPlay ne-Android Auto, kanti uyakwazi nokushaja (charge) izingcingo ngaphandle kwekhebuli nangazo zonke izinhlobo zamakhebuli.


🚗 Inamathayi awu-17-inch noma 18-inch, ohlobo lwe-alloy, okwenza ibukeke kahle futhi ingeyohlobo oluphambili

Ngiyayincoma kwabanemindeni emincane abafuna isikhala esivulekile, ikakhulukazi uma ungumuntu ohambisa abantwana esikoleni, aphinde avakashele emakhaya isikhathi esiningi.

Akusiyo eyomuntu othanda ubuntofontofo nezinto zomgangatho, ngoba uyibona iza nje ukuthi lena yimoto kamama wabantwana besikole, noma ubaba osebenzisa imoto ukuthutha umndeni.

Kweye-1.5L (diesel) idla amalitha awu-5.9 kumakhilomitha awu-100km, bese kuthi kwekaphethiloli 2.0L, idla amalitha awu-7.5 kumakhilomitha awu-100km.

I-Alcazar uyithola ngamazinga ahlukene, kuye nangephakethe lakho; kune-Alcazar 2.0 Executive AT ehamba ngamandla kaphethiloli, yenani lika-R499 900 engakuniki okutheni.

I-Alcazar Executive AT ehamba ngodizili (diesel), ngiyincoma kakhulu ngokonga, kanti ngihambe ngayo ngisuka eThekwini ngaya eShowe, ngabuya ngayikhomba eMgungundlovu, ngeneliseka ngokonga kwayo, yona uyithola ngo-R599 900.

Bese kuba esezingeni eliphezulu, i-Alcazar 1.5 Elite, eza nayo yonke imixhantela yobuchwepheshe nezinsiza zomshayeli, eqala enanini lika-R669 900.

SisakwabaHyundai, ngoLwesithathu waleli sonto, izintatheli zaseThekwini zimenywe emcimbini okhethekile, lapho bekubungazwa ukuhlabana kwegalaji lezimoto lakwaHyundai ePhayindane (Pinetown), ngokuba sohlwini lwamagalaji ahamba phambili umhlaba wonke, Global Top 100 Dealers on the Year.

Leli galaji elavulwa ngo-2002 eliku-Josiah Gumede Road, ePinetown, libekele abazindaba nosomabhizinisi ukuthi lidayisa izimoto eziwu-250 ngenyanga, okubanikeza u-31% emakethe yezimoto eMzansi.

Abaphathi abaphezulu ebebezifikele mathupha eThekwini besuka eGoli behamba nesikhulu esizinze eGoli, bahalalisele uMnu Sidney Francis, ongumphathi wegalaji ngomsebenzi omuhle nethimba lakhe.

Lokhu kusho okukhulu ngabathengi bezimoto baKwaZulu-Natali, neqhaza elibanjwe yilesi sifundazwe emnothweni, ikakhulukazi emkhakheni wezezimoto.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...