Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezezimoto 9 Ungabudeleli ubuncane beSuzuki Jimny

Ungabudeleli ubuncane beSuzuki Jimny

by | 9 November 2025

UNGABUDELELI ubuncane beJimny ngoba yakhelwe impilo yasedolobheni nangaphandle kwedolobha, kanti inawo namandla injalo nje.

Ngingumama ozisebenzayo – obhekelele nabantwana abafunda isikole, aphinde abematasa nezinto ezahlukene ezidinga ngibe nezinyawo ezisheshayo – ngakho imoto engalidli iphakethe ibalulekile kimina. Iqiniso lithi, imoto ifana nesekela lakho empilweni, ngakho kumele ihambisane nokuningi ezindleleni zakho.

ISuzuki Jimny ozishintshela wena amagiya (manual) incane ngesakhiwo, ithatha kulolu hlobo lwezimoto esizibiza ngamaSUV angama-4×2, afanele ukuhamba emagqumeni nasemathafeni. Kumshayeli wasemadolobheni, yenza kube lula emgwaqweni onesiminyaminya nokungena lapho izindawo zokupaka zizincane, ikakhulukazi ezitolo nalapho uphuthumisa abantwana esikoleni.

Nakuba isakhiwo sayo ungasibona sisincane, kodwa ukuphakama kwamasondo ayo kwenza uqhwakele, ubone kangcono nangaphambili. Ibambelela kahle nasemgwaqweni wetiyela uma uzoncenga ijubane, kanti namagiya ayo kawaqinile ngendlela ebengilindele ngayo.

Mangisho kodwa ukuthi ngithe ngithatha uhambo lwaphesheya koThukela, lapho kwakunomoya omkhulu, ibingabambeleli kahle, ibiphephuka, okuphoqe ukuba ngishintshe indlela yokushayela ngisebenzise ezomelana nesimo.

Kuningi-ke engingakutholanga kuyona uma ngibheka izinto ezihambisana nezimoto zesimanje. Kayinayo indawo yokuzimelela lapho ushayela (armrest), okungakukhathaza lapho ushayela ibanga elide. Kayinazo izindawo zokubeka iziphuzo ezicabheni. Kawukwazi nokushaja (charge) ucingo ngaphandle kwekhebuli kanti nebhuthi (boot) kayinaso isikhala esikhulu, kungena izikhwama ezimbalwa.

Injini iwu-1.5 litre kaphethiloli kanti inamagiya awu-5 speed, idla uphethiloli olinganiselwa emalitheni awu-6.3 kumakhilomitha awu-100. Umzimba wayo uqinile, okuwenza ukwazi ukumelana nohambo lwezindawo ezinamagquma nezintaba, kanti ukuphakama kwayo kuyasiza kulokhu.

Inani layo lisukela ku-R432 900 kwi-1.5 GLX 3-door kanti i-1.5 GLX All Grip 5-door manual yona inani layo liqala ku-R462 900 bese kuthi i-1.5 GLX AT (auto) yona iqala kwinani lika-R454 900.

Kwezobuchwepheshe, i-Jimny ine-7-inch touchscreen okwazi ukuyixhuma kumakhalekhukhwini wakho wanoma yiluphi uhlobo uma nje ine-bluetooth. Ukuze ukwazi ukushaja, kumele uze nekhebuli. Inamalambu e-LED namasondo e-alloy kanti inekhamera okwazi ukubona ngaphambili nangemuva, ukusiza upake kangcono.

I-Jimny kakusiyo imoto yokupensa kodwa iyabukeka, kanti ngayo uyawonga nophethiloli. Uma ubheke imoto encane ngesakhiwo kodwa ezokwazi ukuhamba emigwaqweni yasedolobheni nasendaweni ezinamagquma nemifudlana, ingakufanela.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...