Ilanga News
Home 9 Ezezimoto Featured 9 Kuzodlisela ogageni izimbangi ukuhlanganyela kwabakaTata nabakwaLand Rover

Kuzodlisela ogageni izimbangi ukuhlanganyela kwabakaTata nabakwaLand Rover

by | 26 October 2025

ITATA Harrier isibuyisile isithunzi negama lale nkampani, okuzokwenza ukuthi nalabo abebeyeya, bayibuke ngelinye iso, futhi bayihloniphe. Yebo igama lemoto liyayikhulumela kanti abantu uma beyihlonipha imoto, kasikho isidingo sokuyidayisa kubona ngoba basuke vele sebeyazi, futhi beyethemba.

Ngiyabona abakwaTata babe nemihlangano eminingi yokuhlela indlela yokwethula iTata Harrier ngenxa yokwazi imibono yabashayeli ngezimoto zakwaTata. Kulokhu benze lokhu esikubiza ‘ngethula msindo’. ITata Harrier iyabukeka, ikuheha iza le kude, kanti isakhiwo sayo singesihambisana nezimoto zesimanjemanje.

ITata Harrier yethulwe ngokusemthethweni eMzansi ngenyanga edlule, kanti abakwaTata bagabe ngayo ezimotweni zohlobo lweSUV. Ukwakheka kwayo kuzobathatha abaningi njengoba bebaningi abebengimisa, becela ukuyibonela eduze, bayibuke nangaphakathi.

Kuvele kwacaca ukuthi ukuhlanganyela kwabakwaTata nabakwaLand Rover kuzodlisela ogageni abancintisana nabo. Inesitayela esisezingeni eliphezulu kanti indlela eyakhiwe ngobunyoninco ngayo, kuyenze yavele yangenhla kakhulu.

Emgwaqweni ibambelela kahle, etiyeleni nasemigwaqeni ewubhuqu, okusho ukuthi injini yayo ye-turbodiesel ewu-2.0 wamalitha, iyawenza umsebenzi olindeleke kuyona. Uma ulwazi uhlobo lwemoto yakwaLand Rover, iD8 Platform, uzobona ukuthi kuthathwe okuningi kuyo, okusho ukuthi lobu budlelwano balezi zimoto, buzobasebenzela.

I-touchscreen yakhona iwu-12.3-inch, iwuhlobo oluphambili futhi olusezingeni eliphezulu, olunazo zonke izinsiza zokushayela zobuchwepheshe.

Ngaphezu kwalokhu, uthola usizo lwe-Car2Home, exhumanisa ukusebenza kwemoto yakho nomakhalekhukhwini wakho, okwenza uphephe lapho ushayela. Uyakwazi nokushaja (charge) ngaphandle kwekhebuli, nokushaja ngayo futhi ikhebuli.

Ngenani elisukela ku-R549 900 kuhlobo le-Pure+, i-Adventure+ ngo-R649 900, nesezingeni eliphezulu kunazo zonke, i-Fearless+ ngo-R699 900, iHarriet ineLevel 2 Advanced Driver-Assistance Systems (ADAS), okusho ukuthi uthola usizo oluphelele lapho ushayela. Iyakuthiphisa ngezimoto eziza emaceleni nezisondela mawala ngemuva, nalapho nawe ususondela kakhulu kweziphambi kwakho, kanjalo nalapho usungahambi emzileni ofanele.

Inamakhamera akukhombisa wonke amacala emoto kanti iyavuleka ngaphezulu (sunroof), iyakwazi futhi ukukusiza lapho usupaka, futhi izipake yona (park assist).

Nakhu engingakuxwayisa ngakho ngale moto, ikakhulukazi ngoba isafika:
Kusekuningi okusengaba yizihibe; inakho ukububula lapho usuyinyathela yonke i-accelerator emgwaqweni.
Igiya layo kakulula ukulisebenzisa, lidinga uciphaze ibhathini elicashile ngaphansi, kalisebenzi njengamaningi amagiya kanti kangiwuqondi umsebenzi walo.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...