Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezezimoto 9 Kuzoguga ithayi koweRed Bull Shay’ iMoto

Kuzoguga ithayi koweRed Bull Shay’ iMoto

by | 6 July 2025


KUZOGUGA ithayi emncintiswaneni womdlalo wezimoto – obizwa ngeRed Bull Shay’iMoto – ozobe uqala ukwenzelwa eSuncoast Casino, eThekwini, mhla ka-10 ku-August.

Kubhekwe ukuthi lo mcimbi uhehe izinkumbi zabantu abazifela ngokubuka abashayeli bezimoto begila izimanga ngezimoto zabo, okuzobe kuhlanganisa kubo labo asebemnkantshubomvu, nabasacathula.

Abashayeli bezimoto bazodlisela phambi kwabantu ngamakhono abo okudlala ngezimoto, bese amajaji nabantu bethola ithuba lokuvotela ozodla umhlanganiso.

Ngonyaka odlule lo mncintiswano ubuwenzelwe eCape Town lapho isicoco sithathwe nguChadwin Boksie Hadjie, esiphuca uSamkeliso “Sam Sam” Thubane osithwale iminyaka emibili ilandelana. Kulo nyaka kubhekwe ukuthi izinga lenyuke njengoba lo mcimbi uqhubeka nokukhula minyaka yonke.

NGUSAMKELO “Sam Sam” Thubane, oseke wasinqoba isicoco salo mqhudelwano.


Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi engena ehhovisi uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezokuNgcebeleka, ubuCiko namaSiko, uMnu Gayton McKenzie, waveza ukuthi phakathi kwezinto eziseqhulwini kuyena wukwenza lo mdlalo ube sezingeni lomhlaba.

Waveza ukuthi lo mdlalo kumele ukwazi ukukhiqiza abantu abazomela iNingizimu Afrika emincintiswaneni emikhulu yomhlaba. Kunxuswa bonke abantu abazethembayo ngalo mdlalo ukuba bangenele ngokubhalisa, ukuze bazibeke ethubeni lokuthola isicoco kulo mncintiswano.

KwaZulu-Natal, umcimbi walolu hlobo ubuvame ukwenzelwa eMsinga, lapho ububizwa khona ngoMsinga Driftkhana. Lo mcimbi ububalwa neminye emikhulu ebiyenzelwa eMsinga njengoba ubuvame ukuheha izinkulungwane zabantu.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...