
IDEMOCRATIC Alliance kuMasipala uMsunduzi isinxuse uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi ukuba angenelele ngokuphenya ngezinsolo zeziqu zezinye zezimenenja zalo masipala.
Leli qembu lithi imibiko yakamuva mayelana neziqu zabanye abasezikhundleni kulo masipala, ishiya okukhulu ukukhathazeka, ikakhulukazi ngasohlangothini lokulandelwa kwemigudu efanele, kuya endleleni ophethwe ngayo.
“Le mibiko ivusa ukukhathazeka, kwazise sekuneminyaka sikhala ngento efanayo siyikhokhasi yeDA kulo masipala,” kusho uMnu Ross Strachan.
Uthe beyiDA, banxusa ungqongqoshe ukuthi ayeke ukuvuma ukuthi uyayithola le mibiko kodwa kube khona akwenzayo ngayo.
“Noma ngabe yiziphi izinsolo ezithinta iziqu, ukuqashwa kwabantu nokukhishwa kwamathenda, inkohlakalo, ukungaziphathi kahle nokwephula imigomo yokusebenza kukamasipala, kumele iphenyisiwe ngokuzimela ngaphandle kokumoshwa kwesikhathi,” kusho uStrachan.
Uthi uma kutholakala ukuthi kwephulwe umthetho, kumele kuthathwe izinyathelo. I-DA ithi sekunesikhathi iziphakamisa lezi zinsolo, futhi inxusa ukuba kuthathwe izinyathelo kodwa kungenzeki lutho. UStrachan uthi ezinye zalezi zinsolo yizona ezenze lo masipala wagcina uhluleka wukulawuleka, kwaze kwaba ufakwa ngaphansi komlawuli.
“Abantu baseMsunduzi badinga okungcono, ngakho uma lezi zinsolo zingaphenywa, kufaka bona ingcindezi njengoba bengakwazi ukuthola izidingo ngendlela efanele,” esho.
UMasipala waseMsunduzi uholwa nguMnu Mzi Thebola.







