Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Itwetwe ngokushoda kwemishanguzo

Itwetwe ngokushoda kwemishanguzo

by | 4 February 2025

INGEBHE kwabadla imishanguzo yokuthithibalisa izifo ezahlukene njengoba kuvela ukuthi iyashoda ezibhedlela nasemitholampilo kahulumeni. Lokhu sekuholele ekutheni uSihlalo we-Action SA KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango aphumela obala, njengoba egxeka uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe ukuthi ugembula ngezimpilo zabantu njengoba ungayibeki eqhulwini eyokushoda kwemishanguzo ezibhedlela nasemitholampilo kahulumeni.


“Ungqongqoshe kumele athembeke kubantu. Abantu abasebenzisa imishanguzo okubalwa kuyona eye-BP, TB, neHIV bakhala ngokuthi imishanguzo kabayitholi. UMnyango wezeMpilo ufihla ulwazi olubalulekile emphakathini, abaphathi bezibhedlela bayalazi iqiniso, kodwa kuthiwa iziguli azingatshelwa, zinikwe lokhu okukhona,” esho


Uthi kuthiwa kulindwe ukuqala kukaMbasa (April) okuyisikhathi sokuklazathwa kwebhajethi.
“Into ebuhlungu ngalento wukuthi abantu abasebenzisa imishanguzo yokwelapha i-TB, bazogcina bengenwa i-MDR ngenxa yokungatholi ukwelashwa ngendlela. Kungani amalungu esiShayamthetho ethule noma alinde kuthinteke amalungu emindeni yabo ngaphambi kokuba akhulume? Abantu kabasenawo unembeza, yini le nto ingadingidwa kwikhabhinethi noMnyango woMgcinimafa? Kuyinto engeke ifihlwe ukuthi lo mnyango ubhekene nezinkinga eziningi njengoba nodokotela beshoda bengaqashwa,” esho.


UMncwango uthi akucaci ukuthi lo mnyango uyenzeni imali ngoba kazikho izibhedlela noma imitholampilo eyakhiwe, futhi akukho sobala ukuthi ibhajethi isebenza kuphi. “Imali kanti ishonaphi? Yini bangaboni ukuthi ukushoda kwemithi kusho inhlekelele. Kungani senza ukufa kwabantu ezibhedlela zikahulumeni kube yinto eyejwayelekile,”kubuza yena. Uthe banxusa uNkz Nomagugu Simelane ukuba aphendule ezinsukwini eziwu-7.
ILANGA lishayele uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ucele ukuthunyelelwa incwadi ebhalwe nguMncwango ukuze bezophawula ngalolu daba.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...