Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Kubatshazwa umehluko eThekwini selokhu kuphathe iGNU

Kubatshazwa umehluko eThekwini selokhu kuphathe iGNU

by | 5 January 2025

AKAWUVALI umlomo ngomehluko awubona eThekwini selokhu kungene uhulumeni wobumbano uSolwazi Adam Habib, oyiphini likashansela eSchool of Oriental and African Studies, eNyuvesi yaseLondon, eMelika.

UHabib, oke waba ngushansela eWits University, ubeseholidini eNingizimu Afrika lapho ehambele khona iTheku, iCape Town, neGoli.

“Ngimangele ngoshintsho engilubone eThekwini. Utshani eceleni kwemigwaqo bugundiwe, ezokuphepha ziqinile emabhishi, kanti nedolobha lihlanzekile, ezindaweni ebengizivakashele. Lokhu kuwubufakazi bokuthi isimo siyashintsheka emadolobheni amakhulu,” kubhala uHabib ekhasini lakhe leX(Twitter).

Ukhale kakhulu ngokuwohloka kweGoli, ikakhulu ukungcola, ubugebengu, nokwehluleka kukamasipala wakhona ukuhlinzeka umphakathi ngezidingo. Uthe konke lokhu kungenxa yosopolitiki nezikhulu zikahulumeni ezingawenzi umsebenzi wazo ngendlela.

NGUSOLWAZI Adam Habib

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...