Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Kubatshazwa umehluko eThekwini selokhu kuphathe iGNU

Kubatshazwa umehluko eThekwini selokhu kuphathe iGNU

by | 5 January 2025

AKAWUVALI umlomo ngomehluko awubona eThekwini selokhu kungene uhulumeni wobumbano uSolwazi Adam Habib, oyiphini likashansela eSchool of Oriental and African Studies, eNyuvesi yaseLondon, eMelika.

UHabib, oke waba ngushansela eWits University, ubeseholidini eNingizimu Afrika lapho ehambele khona iTheku, iCape Town, neGoli.

“Ngimangele ngoshintsho engilubone eThekwini. Utshani eceleni kwemigwaqo bugundiwe, ezokuphepha ziqinile emabhishi, kanti nedolobha lihlanzekile, ezindaweni ebengizivakashele. Lokhu kuwubufakazi bokuthi isimo siyashintsheka emadolobheni amakhulu,” kubhala uHabib ekhasini lakhe leX(Twitter).

Ukhale kakhulu ngokuwohloka kweGoli, ikakhulu ukungcola, ubugebengu, nokwehluleka kukamasipala wakhona ukuhlinzeka umphakathi ngezidingo. Uthe konke lokhu kungenxa yosopolitiki nezikhulu zikahulumeni ezingawenzi umsebenzi wazo ngendlela.

NGUSOLWAZI Adam Habib

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...