Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 I-PSL izohlonipha amasosha akuleli abulawe eDRC

I-PSL izohlonipha amasosha akuleli abulawe eDRC

by | 1 February 2025

Kuzohlonishwa amasosha akuleli awu-13 abulawe eDemocratic Republic of Congo, kuyona yonke imidlalo engaphansi kwePremier Soccer League (PSL) kule mpelasonto.

Umbutho wezokuvikela iSouth African National Defence Force (SANDF) ukuleliya lizwe emizamweni yokudala uxolo njengoba uhulumeni wakhona ubhekene ngeziqu zamehlo neqembu lamavukelambuso, iM23.

Esitatimendeni esikhiphe namuhla ngoMgqibelo, iPSL idlulise amazwi enduduzo emindenini yamasosha ashonile.

“Kuzokuba nomzuzu wokuthula ngaphambi kokuqala kwayo yonke imidlalo yeBetway Premiership, eyeMotsepe Foundation Championship neyeDStv Diski Challenge kule mpelasonto.

“I-PSL ithi dudu emindenini elahlekelwe kulesi sikhathi esinzima kangaka. Sengathi imiphefumulo yabashonile ingaphumula ngokuthula,” kusho isitatimende.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...