Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP neMKP ithathe izihlalo eMngeni kwaphuma i-EFF

I-IFP neMKP ithathe izihlalo eMngeni kwaphuma i-EFF

by | 6 November 2026

IMEYA kumasipala Umngeni, uMnu Chris Pappas uthi isiqinisekisiwe imiphumela yokubalwa kwamavoti ngaphansi kukamasipala wakhe. Ubhale ekhasini lakhe likaFacebook ukuthi Umngeni unezihlalo ezingu-25. Kulo masipala uthe iDA inezingu-15, kube yiMKP ethole ezingu-5, i-ANC yathola-4 bese kuba yi-IFP enesisodwa.

Lokhu kuza emva kokuthi iDA kulo masipala ihambe phambili ngamavoti angu-61.13%, kwathi iMKP yathola angu-18.65%, kwalandela i-ANC ethole angu-15.81% kwagcina i-IFP ethole u-1.19%. Amanye amaqembu asohlwini oluphezulu angakwazanga ukuthola izihlalo ngenxa yokuba namavoti angaphansi kwephesenti elilodwa abekhona eMngeni, singabala iVF Plus, i-EFF, i-ACDP, i-NGG, i-SACP, i-ACC neMayibuye. Lawa abesesigabeni samaqembu angu-11 ohlwini oluphezulu kanti akhona amanye abekhona.  Ngokhetho loHulumeni baseKhaya lwango-2021 kumasipala waseMngeni, iDA yakwazi ukuthola izihlalo ezingu-13 yalandelwa yi-ANC eyathola ezingu-10 kwagcina i-EFF eyathola ezimbili. Kulokhu i-EFF ayitholanga lutho eMngeni kanti ne-ANC ilahlekelwe yizihlalo eziyisithupha ebinazo kulo masipala. I-IFP ihlomule ngesisodwa njengoba ibingenaso kulo masipala.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ubulale unina wengane ngosuku lwakhe lokuzalwa

Ubulale unina wengane ngosuku lwakhe lokuzalwa

KUSOLWA ukuthi ugajwe yisikhwele sokuthi unina wengane yakhe ubeyogubha usuku lwakhe lokuzalwa nabangani bakhe besifazane, owesilisa waseNkonjeni, oLundi, okuthiwa umgwaze wambulala, qede wazama ukuzibulala ngokuzigwaza. Ngokuthola kweLANGA, uNkz Angel Sibiya (39),...

Kuphelile ngohlelo lukaNgizwe kwezokuxhumana

KUSOLWA ukubhacaza kohlelo lweBhinca Nation, olusakazwa nguNgizwe Mchunu kwiPodcast kaMacG, okuholele ekutheni lumiswe kuYoutube. Kuvela okuningi ngokumiswa kwalolu hlelo nakuba kungacaci kahle isizathu esicacile. Umsunguli wale Podcast uMacG, uthi lolu hlelo alwenzi...