Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkantolo ivune izisebenzi ezidilizwe yinkampani i-ArceloMittal

Inkantolo ivune izisebenzi ezidilizwe yinkampani i-ArceloMittal

by | 28 October 2025

INKANTOLO yezeziSebenzi (Labour Court) isikhiphe umyalelo wokuthi inkampani ekhiqiza insimbi, i-ArcelorMittal South Africa, enamagatsha eNewcastle (KwaZulu-Natal), naseVeeriniging (eGauteng), ukuba ibuyisele emsebenzini izisebenzi ezixoshile.

Le nkampani idilize izisebenzi, ngoba ithi isiyavalwa, ngoba umkhiqizo kawusahambi kahle. Inyunyana iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), ibenezigxoxo nabaphathi benkampani, kodwa bona baduba ngoNdasa (March), izingxoxo zingakapheli.

Ekuqaleni kwale nyanga (uMfumfu), iNumsa iqonde enkantolo, imangalela ibaqashi. Inkantolo ithe abaphathi benkampani mabaqale phansi izingxoxo neNumsa, zingapheli izinsuku eziyishumi. Inkantolo ibuye yayalela inkampani, ukuthi ikhokhele izisebenzi eyazixosha imali yazo kusukela ngelanga ezakhonjwa ngalo indlela.

Okhulumela iNumsa, uNkk Phakamile Hlubi-Majola, uthi isinqumo senkantolo siwukunqoba kubasebenzi.

“Abaphathi benkampani batshelwa ngoJanuary, ukuthi bangabaxoshi abantu abasebenzayo, ngoba kwakunezinhlelo zokuthi uhulumeni ungenelele. Bona bashiya phansi izigxoxo, bagcina ngokuxosha izisebenzi. Lesi sinqumo senkantolo, sizovula abaqashi amehlo, futhi siwukunqoba kithi njengenyunyana, izisebenzi ebesizimele nemindeni yazo,” kusho uNkk Hlubi-Majola.

Inkampani ibingakasikhiphi isitatiende ngegxathu ezolithatha ngemvuka kokuphuma kwalo myalelo wenkantolo.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...