Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe abashayeli abangaphezulu kuka-2500 eKZN

Kuboshwe abashayeli abangaphezulu kuka-2500 eKZN

by | 7 April 2026

BANGAPHEZULU kuka-2500 abashayeli bezimoto ababoshiwe ngokwephula imigomo eyahlukene yomgwaqo KwaZulu-Natal, kule mpelasonto yePhasika. 

Ngokubika koMnyango wezokuThutha esifundazweni, phakathi kwemigomo yomgwaqo abantu abayephulile, kubalwa eyokushayela bedle amanzi amponjwana, wukushayela ngesivinini eseqile kunesivumelekile, nokushayela ngaphandle kokuba nezincwadi ukukha phezulu. 

UNgqongqoshe walo mnyango uMnu Siboniso Duma, uthe amaphoyisa omgwaqo iRoad Traffic Inspectorate (RTI) nezinye izinhlaka zezokuphepha, kule mpelasonto kusukela ngoLwesine zimise izimoto eziwu-16 183 kwizivimbamgwaqo ezahlukene ebezisabalele esifundazweni. 

Uthe amaphoyisa omgwaqo asebenzisana nawomasipala namaphoyisa kazwelonke noMnyango wezaseKhaya ngaphansi kohlelo lweNenzani La Ezweni, aqhubeke lapho agcina khona ngoZibandlela (December). Ngaphansi kwalolu hlelo bangaphezulu kuka-2500 abashayeli abathweswe amacala ngokwehlukana kwabo. Uthe yizimoto eziwu-150 ezikhishiwe, zamiswa ukuha- mba emgwaqweni. Uqhube ngokuthi sebebonke abashayeli ababanjwe bedle ampo- njwana, kulesi sifundazwe, babalelwa ku-337. 

Khonamanjalo amaphoyisa omgwaqo kazwelonke aveze ukuthi bawu-934 abashayeli bezimoto ababoshelwe ukubanjwa becwile ezinkambeni zikaFaro kuleli Phasika. UMnu Simon Zwane okhulumela iRoad Traffic Management Corporation (RTMC) ezweni lonke, uthe isaqhubeka nokuba yinkinga enkulu eyabantu abashayela bephuzile kuleli. 

UZwane uzwakalisa ukukhathazeka ngesibalo sezimoto ezikhishwe emgwaqweni ngenxa yokungabi sesimweni esifanele njengoba ziwu-1215 ezimiswe kule mpelasonto, kuneziwu-923 ezikhishwe ngonyaka owedlule. Unxuse abashayeli ukuba baqhubeke nokuhlonipha imithetho yomgwaqo, futhi baqinisekise ukuthi izimoto zabo bayazihlola, zihlale zisesimweni esifanele.  

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...