Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

by | 19 January 2025

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo.

BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa “iChalaha LikaShafuza” Ngubane.

Lokhu kuvezwe ngu-Ali Mgube, ecacisa ngenhloso yokusungulwa kweqembu Ondabuzekwayo eminyakeni edlule. Leli qembu lisungulwe ngu-Ali, nguMjikijelwa (ongasekho) noMthandeni Manqele.

U-Ali uthi sebevumelene ngokuthi leli qemu lizokhuza ibuya kulo nyaka, esikhaleni sikaMjikijelwa bazofaka uMzukulu kaShafuza, okuyindodana kamfowabo kaMjikijelwa.

Utshele leli phephandaba ukuthi ngesikhathi besungula Ondabuzekwayo, babehlose ukuthi kube yiqembu okuzongena kulona abaculi bakamaskandi abehlukene, unyaka nonyaka. Uthi kuleli qembu belizofukula nabaculi abangakadumi.

“Ukusungulwa kwaleliqembu besihlose ukuthi kube yiqembu likawonke-wonke emculweni kamaskandi, njengoba kwenzeka kweleGospel, iJoyous Celebration, kodwa ngenxa yezinkinga esihlangane nazo endleleni, kwashabalala konke lokho.

“Phakathi kwezinto ezinyomfe inhloso yethu ngaleli qembu, kuthe ngesikhathi sishaya ingoma kwaqubuka ipoliti enkulu yomculo, kwaba khona abantu abathi sihlukanisa phakathi umculo, kwasunguleka izinhlangothi ezimbili, iWest ne-East. Kuningi okwenzekile kwasiphazamisa, okuthe sisazama ukulungisa izinkinga, uNkulunkulu wasiphuca uMjikijelwa,” kusho uMgube.

Uveze ukuthi bafuna ukukhulisa uMzukulu kaShafuza emculweni.

“Kubalulekile ukuba sikhulise nezinsizwa ezisencane ukuze zisheshe zifike empumelelweni. Ukusebenza noMzukulu kaShafuza, akusikhona ukuthi yingoba besilandela ushuni kaMjikijelwa, kodwa yingoba okuningi obekwenziwa nguMjikijelwa emculweni, kwenzeke phambi kwakhe uMzukulu kaShafuza.”

Uthi baningi abaculi abasazofakwa ngaphansi kwaleli qembu.

“Sesivumelene ngakho konke, kulo nyaka izophuma i-albhamu,” esho.

Leli qembu selikhiphe ama-albhamu amathathu – ethi “Njengohlanya”, oMoney Maker, iNgwe neNgonyama.
mthobisis@ilanganews.co.za

NGUMTHANDENI, ngu-Ali Mgube noMzukulu KaShafuza, ongene endaweni kaMjikijelwa.

Ezisematheni

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo...

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27,...