Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wenqabe ukubiza abazomncengela athanjiselwe isigwebo

Wenqabe ukubiza abazomncengela athanjiselwe isigwebo

by | 22 September 2025

IDUBE ukubiza ofakazi bayo, abebezoyincengela enkantolo inkabi eyabulala uMnu Sibusiso Sithole owayeyimenenja kumasipala waseRichmond, owadutshulwa ngo-2017.

USabelo Phewa (34) okusaqhubeka ukulalelwa kwesigwebo sakhe, ulahlwe ngamacala amabili okubulala okubalwa nelikaSithole kuwona, nelokuzama ukubulala, wenqabile ukubiza ufakazi obekumele amncengele ukuba inkantolo imzwele uma isimgweba, ngoba ethi lokhu kuyobe kusho ukuthi iyalivuma icala.

UPhewa uzimele kuleli cala njengoba phambilini wabaxosha abammeli bamahhala, ngoba ethi babefuna avume icala athi akalenzanga, wabe esekhetha ukuzimela.

Unqaba ukubiza ufakazi nje, owokuqala ambizile, uMnu Sfiso Phewa onguninalume, ubeseqalile ukumncengela, emchaza njengomuntu ozilungele, okhonze ukusina ingoma. Ucele inkantolo ukuba imzwele uma isimgweba.

Umshushisi uthe uma ebuza ukuthi ngokwakhe inkantolo kumele imgwebe iminyaka emingaki, uPhewa wasukuma, wathi ngeke avume ufakazi wakhe aphundule lo mbuzo, ngoba kobe kusho ukuthi iyalivuma icala.

Uthe yena ubazi ukuthi ofakazi ababizayo bazokhuluma ngezimo zakhe zempilo, hhayi ukuzomshwelezela ngesigwebo. Uthi yena usamile ekutheni akawenzanga amacala alahlwa ngawo.

Uthe angeke asambiza omunye ufakazi ngoba akafuni ukuncengelwa ngento angayenzanga. Usho lokhu nje, omunye ufakazi obekulindeleke ukuba ezomncengela enkantolo ubelinde ngaphandle, elinde ukungena ebhokisini.

Ulahlwe ngamacala omabili okubulala – okungelokubulala uSithole, nelokubulala uMnu Amos Ngcobo owabulawa ngo-2017 eHillcrest – elokuzama ukubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....