Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kudlule emhlabeni inkakha yaMaZulu FC

Kudlule emhlabeni inkakha yaMaZulu FC

by | 1 April 2025

ISILILO kudlula emhlabeni uWonderboy Mntambo obedume ngesibongo sakwaMtshali esagijima kuMaZulu FC ngeminyaka yo-90.
UMntambo udlule emhlabeni ngoLwesibili ekuseni esibhedlela eMount Edcombe emva kokuxinwa wukugula isikhashana.

Le nkakha idlula emhlabeni nje ibinesikhungo eNtuzuma lapho beyihlwaya khona ikhono kubadlali bebhola abasebencane.

Usuke kuMaZulu FC wayogijima kwiTongaat Crusaders nokuyilapho ebeke khona amakhokho akhe ethala. Ngemuva kokubeka amakhokho ethala ube eseqeqesha iqembu iDanefield FC kaJessie Dhamarlingum ebidlala kwiSecond Division (Safa KZN ABC Motsepe League).

Ubesaqhubeka nokuba yingxenye yebhola kwazise ubebuye abe sohlelweni lakwaBuild-it esebenzisana noBoyzie Mngoma osebenze isikhathi kuMaZulu FC bakhiqiza uMduduzi Nxele ongasekho.

Sekuwumlando ukuthi uMntambo ubenesitifiketi sika-Level 2 nofana ncamashi noCaf B Licence.

Le nkakha ibisinomuzi izinze eNtuzuma.

Amalungiselelo okufihlwa kwakhe asazomenyezelwa ngokuqhubeka kwesonto.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...