IQEMBU i-Inkatha Freedom Party (IFP) linxusa ukuthi uphiko oluphenyo amacala okubulalana kosopolitiki iKwaZulu-Natal iPolitical Kilings Task Team isukumele phezulu udaba lokubulawa kwamalungu ayo amabili abengenele ukuba ngamakhansela aleli qembu kumaWard ehlukene.

Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnu Mkhuleko Hlengwa, uthe ukubulawa kwamalungu epolitiki ngeke kuthathwe njengobugebengu obujwayelekile. Lokhu kuza emva kokubulawa kwabebengenele ukuba ngamakhansela e-IFP, uMnu Lucky Sokhela (34) wakwaWard 8 kumasipala waseMshwathi ngaphansi kwesifunda Indlovu, noMnu Khethelo Mdluli (40) wakwaWard 17 ngaphansi kukaMasipala waseMlalazi.
Okukhalisa kakhulu i-IFP ukuthi ngalamalungu ukuthi, kuhlukane ngezinsuku eziyisikhombisa ukubulawa kwawo.
I-IFP izigxeke kakhulu lezi zigameko futhi ithi kumele kuhlonzwe ukuthi lokhu kubulala akuhlangene yini nezombusazwe.
“Sicela amaphoyisa ayisukumele ngokushesha indaba yalokhu kubulala futhi ayithathele phezulu, kutholakale abenzi bobubi. Sicela ukuthi uphiko lwezokushushisa lwenze isiqiniseko sokuthi lolu daba luyanakwa futhi lubekwa eqhulwini,” kusho uHlengwa.
Njengoba kuza ukhetho i-IFP inxusa amaqembu epolitiki, abalandeli abaholi bomphakathi nomphakathi ukuthi ungaluvumeli udlame.
I-IFP inxuse ukubambisana kumaqembu ezombusazwe nokuzibophezela futhi kubangwe ukunqoba ukhetho ngendlela enokuthula. Ithe wonke umuntu kumele abe yingxenye yalolu hlelo lwentando yabantu ngaphandle kokusaba.
Iphinde yadlulisa amazwi enduduzo emindenini yamalungu ashonelwe.
Iphetha, iveze ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal yakhahlamezeka kakhulu ngenxa yodlame lwezombusazwe, akumele iNingizimu Afrika ibuyele kuleso simo.







