Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uncoma isiteshi seTV ngokuqhakambisa izilimu zabansundu

Uncoma isiteshi seTV ngokuqhakambisa izilimu zabansundu

by | 29 October 2025

INKAKHA yomlingisi esematheni kulezi zinsuku ngephimbo layo kwifilimu yaphesheya kwezilwandle iJumanji, ekhonjiswa ngolimi lwesiZulu esiteshini sikamabonakude iMovie Room, Channel 113, uLindani Nkosi, izifela ngokulingisa emidlalweni yeshashalazi kunekamabonakude.

UNkosi oseke walingisa emidlalweni kamabonakude okubalwa kuyona Isidingo neMy Brother’s Keeper, uphinde abe ngumlingisi osebenzisa kakhulu iphimbo, njengoba ebezwakala nasemidlalweni yezingane iTakalami Sesame. Ekhuluma neLANGA mayelana nokuba ngumlingisi wephimbo (voice-over artist), okuyindlela yokulingisa abantu abangayithatheli phezulu, uthe ukuba ngumlingisi kusho ukusebe-nzisa konke onakho, ukuqinisekisa ukuthi nomuntu ongakwazi ukubona, uyakwazi ukuqonda imizwa yakho ngaleso sikhathi.

Uchaze ukusebenzisa iphimbo lakhe kwifilimu iJumanji njengenye yezinto azithandile, ikakhulukazi njengoba iphimbo lakhe lisebenza endaweni kaDkt Smolder Bravestone, elingiswa nguDwayne Johnson, odume ngelikaThe Rock.

Uthi ukuba khona kwesiteshi iMovie Room, esikwazi ukuthatha imidlalo yaphesheya siyenze ngolwimi lwesiZulu, kusho ukukhula kwalo mkhakha.

“Ukuthatha le midlalo siyenze ngendlela yethu, futhi sisebenzisa ulwimi lwethu, kwenza umbukeli akwazi ukuzizwa esondelene nalo mdlalo,” esho.

UNkosi usebe kulo mkhakha kusukela ngo-1984. Uthe kule minyaka elingisa ngezindlela ezahlukene, ishashalazi yilona elihamba phambili futhi elisenhliziyweni yakhe. Mayelana nokulingisa kumabonakude, uthi Isidingo yisona esamqeqesha kakhulu, wakwazi ukusabalala kulo mkhakha, kodwa ubabaza kakhulu iMy Brother’s Keeper ngokumyisa lapho abengakaze acabange khona.

UNkosi nakuba ewuphila lo mkhakha, kodwa uthi uyakhetha njengoba engavumi ukulingisa noma iyiphi nje indawo.


“Kunezindawo engingahambisani nazo futhi engingeke ngizilingise,” kusho uNkosi, ebala ukuhamba nqunu nokulingisa izindawo ezikhombisa ngokusobala ucansi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...