LUCKY CAIN
UZOFUNDISA ngezingqalabutho zomculo kamaskandi umdlalo weshashalazi okhuluma ngomlando walolu hlobo lomculo oselukhombisa ukukhula nokuba yintandokazi kubantu bakuleli. Lo mdlalo obizwa ngeMaskandi King The Musical, kulindeleke ukuba ukhonjiswe ngonyaka ozayo njengoba umbhali wawo esephothulile ukuwubhala. UThokozani Shelembe obhale lo mdlalo uthe konke sekumi ngomumo njengoba esengena esigabeni sesibili sawo. “Isigaba sokuqala sesiphothuliwe, sesingena kwesesibili lapho sithungatha khona abazoba yingxenye yawo,” kusho uShelembe oveze ukuthi uhlela ukuba nosuku lwenhlolokhono lapho emema khona abantu ukuba bazozama inhlanhla.
“Sihlela ukuthi ngomhla ka-14 kuZibandlela (December) sibe nenhlolokhono lapho simema wonke umuntu, asikhethi minyaka noma bulili inqobo nje uma bekwazi ukucula, ukusina, ukulingisa nokuhaya izinkondlo,” kusho yena. Uthi inhlolokhono izobanjelwa eWinston Churchill Theatre, eMgungundlovu. Uqhuba uthi kule nhlolokhono bamema nabantu abakhubazekile ngoba akusho ukuthi uma ukhubazekile alikho iqhaza ongalidlala noma ongalibamba kumaskandi. Echaza ngocwaningo aselwenzile ngalolu hlobo lo mculo, uthe uqala egameni elithi maskandi nathe lisuselwa kwelesiBhunu elichaza umculo. Uqhuba ngokuthi baningi abantu ababambe iqhaza kulo mculo kusukela kubantu abafana noPhuz’shukela, Mahawukela, Thwalofu, Mzikayifani, Nganeziyamfisa. “Baningi abantu esizobaqhakambisa kulo mdlalo njengoba kuyibona abathathwa njengobaba balolu hlobo lomculo. Kodwa esizokwenza wukuthi siwenze ube yizigaba ezimbili njengoba sizoqala ngeminyaka yama-60 size sifike kweyama-80, bese kuthi kwesesibili isigaba siqale ngama-80 size sifinyelele esikhathini samanje,” esho.
UShelembe uthe inhloso ngokuqala ngale midlalo yeshashalazi wukuthi kulandele isiqophamlando, kuze iziqephu zikamabonakude ngaphambi kokuba baphothule ngefilimu ezohlanganisa ukusuka nokuhlala kwalo mculo. UShelembe uthe usebenze kakhulu ngemuva ngokuphathelene nalo mculo namaciko kanti uqhakambisa ukusebenza noMlamuli Nxele emcimbini obizwa ngaMantshontsho kaMaskandi nokuyilapho evuleke khona amehlo kakhulu ngalo mculo. Uthe nakuba lo mdlalo uzoqala eMgungundlovu kodwa kusezinhlelweni zakhe ukuthi uzungeze iNingizimu Afrika futhi uze uphumele ngaphandle kwakuleli.