Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UChester udunguza ebumnyameni ngokuza eMzansi kukaDoja Cat

UChester udunguza ebumnyameni ngokuza eMzansi kukaDoja Cat

by | 17 February 2026


UDUNGUZA ebumnyameni umlingisi wakuleli, uDumisani Dlamini ngoku-theleka kwendodakazi yakhe engu-mculi, eyisihlabani saphesheya kwe-zilwandle, u-Amala Zandile Dlamini, odume ngelikaDoja Cat, emculweni.


Ngeledlule kuqinisekisiwe ukuthi uDoja Cat – oseke wahlabana ngezi-ndondo zeGrammy – uzotheleka eNi-ngizimu Afrika, ukuzonandisa emci-mbini iGlobal Citizen’s Move Afrika 2026.
Kulindeleke ukuthi uDoja Cat ana-ndise kulo mcimbi ozoba ngomhla ka-20 kuNdasa (March), eSunBet Arena, ePretoria.
Esitatimendeni esikhishwe yilesi sihlabani, sithe sizizwa sithobekile, futhi sizigqaja ngokuzoba yingxenye yomcimbi obungaza i-Afrika.
Sithembise ukuqhakambisa imvelaphi yaso yaseNingizimu Afrika, nokufaka umfutho ongaphezulu esiteji uma sesinandisa kulo mcimbi.
“Lona kakuwona nje umzungezo wokujabulisa abantu kuphela, kodwa okuhle ngawo wukuthi wakha ama-thuba emisebenzi, futhi uvula nama-thuba azohamba ibanga elide ukuthuthukisa umphakathi wakuleli nase-Afrika jikelele,” esho.
Le ntokazi isike yaveza izikhawu ukuthi kayikaze ihlangane noyise, kodwa iyazi ngaye, futhi inesifiso sokuthi ngelinye ilanga ihlangane naye.
Udaba lukaDoja Cat noDumisani luke lwaba sematheni kulandela izi-ngxoxo zale ntokazi iphawula ngaye kuma-podcast, nasezinkundleni zoku-xhumana.
UDumisani useke waphawula ngesifiso sakhe sokuhlangana nendodakazi yakhe esidume umhlaba wonke.
Ekhuluma neLANGA uDumisani owaziwa ngelikaChester, futhi oseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude nakumafilimu, uthe ubengakezwa ngokusemthethweni ngokuza kwendodakazi yakhe.
Uthe usazolinda, kungenzeka atshelwe ngokusemthethweni ngokuza kwayo kuleli. Uthi okwamanje kakukho azokuphawula okuthinta indodakazi yakhe.
Phambilini kwavela ukuthi uDumisani wahlangana nonina kaDoja Cat, ngesikhathi esazinze phesheya kwezilwandle, elingisa emdlalweni weshashalazi iSarafina, owakhiqizwa, wadidiyelwa nguMbongeni Ngema, ongasekho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...