
UMBUTHO womame beBandla laseSheshi (Anglican Church) ubambe ingqungqutheka yezinsuku ezine Thekwini, eqale ngoLwesine.
Le ngqungquthela yalo mbutho owaziwa ngeMothers’ Union yethanyelwe yizithunywa ezibalelwa ku-2 000, ezivela ezingxenyeni ezehlukene zezwe, nakwamanye amazwe.
UMengameli weMothers’ Union, emhlabeni-jikelele, uKatheleen Snow, ngomunye wabazokwethula inkulumo kulo mbuthano, kanjalo noMbhishobi oMkhulu wamaSheshi, eNingizimu Afrika, uDkt Thabo Makgoba, ozokwethula inkulumo yosuku ngoMgqibelo.
UKathleen Snow, uchaza le ngqunguthela njengengqophamlando.
“Libusisiwe iTheku neNingizimu Afrika ukuba nabantu ababalelwa ku-2 000, abavela emazweni ahlukene, abanamasiko ehlukene, kodwa abahlangiswe yinkolo eyodwa yobuKhrestu,” esho.
Uveze ukuthi kulo nyaka (2026) kugujwa iminyaka engu-150, iMothers’ Union, yasungulwa njengoba yaqalwa ngo-1876. Phakathi kwezinto okuzokhulunywa ngazo, wumlando walombutho womame, izinguquko nezinselelo ezintsha omame, imindeni, nemiphakathi, ababhekana nakho esikhathini samanje. Nokukhulekela isihlava sokubulawa kwabasifazane, angeke kusale ngaphandle.
UMfundisi Vicentia Kgabe, onguMbhishobhi ePitoli, uzokhuluma ngezindlela zokukhulisa izingane esikhathini samanje, ikakhulukazi ezabafana.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







