Ilanga News
Home 9 Featured 9 Akumhambelanga kahle enkantolo “owadlwengula, wabulala” indodakazi (7)

Akumhambelanga kahle enkantolo “owadlwengula, wabulala” indodakazi (7)

by | 25 November 2026

AZIMHAMBELANGA  kahle izinto eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh owesilisa (31) osolwa ngokudlwengula aphinde abulale indodakazi yakhe (7) ehlangene nengoduso yakhe (44) njengoba efake kabusha isicelo sebheyili kodwa lagcina lingahlalanga icala izinsuku zilandelana.

Ummangalelwa uMnu Sihle Ntshiza (31) waseMgobhozini, eMahlongwa okuthiwa wadlwengula waphinde wabulala indodakazi yakhe uSnesihle Khathi (7), ubefake kabusha isicelo sebheyili njengoba inkantolo seyamnqabela. Uboshwe nengoduso yakhe uNkz Veronica Mandy Khanyile (44) athweswe naye amacala afanayo.

UNtshiza uboshwe ngoMbasa (April) nonyaka kusanda kwenzeka lesi sigameko. Inkantolo yamnqabela ibheyili phakathi nonyaka. Ubehamba icala yedwa kodwa kwagcina kuboshwe nengoduso yakhe njengoba indodakazi yakhe yayihlala nabo ngesikhathi ishona.

UNkz Khanyile ongumsebenzi wakamasipala, naye uboshwe maqede wanqatshelwa ibheyili. Bobabili bahamba leli cala futhi bagcinwe ejele.

Ekuqaleni kwenyanga uNtshiza uphinde wafaka kabusha isicelo sebheyili, ebesizohlala izinsuku ezimbili kuleli kuleli sonto. Ufike ngosuku lokuqala kwahamba ugesi enkantolo kwaphoqeleka ukuthi wonke amacala ahlehliswe. Ubuye ngakusasa wathola ukuthi imantshi okumele ihlalele udaba lwakhe ayikho. Kuphoqeleke ukuthi icala lakhe lihlehlele umhlaka 3 kuZibandlela (December) lapho kuzobe kuzodingidwa khona isicelo sakhe sebheyili.

UNtshiza nengoduso yakhe uNkz Khanyile baphinde basolwe ngokuthi babezama ukuthwala ngaye uSnesihle. Kuthiwa kwatholakala umgodi oyithuna elingashoni lisendlini yabo okukholakala ukuthi babaezomgqiba khona uma eseshonile. Nokushona kwakhe kwadida ngoba abakoninalume kaSnesihle batshelwa ukuthi uphuthunyiswe kadokotela ephethwe umkhuhlane wafika washona. Uma umndeni usuyobheka isidumbu wafika wathola ukuthi wayenezibazi ezimnyama futhi ethungwe wonke umzimba okukhomba ukuthi ubeshaywa ngento ethile ngenhloso yokumlimaza. Nombiko kadokotela waphinde waveza ukuthi udlwenguliwe njengoba ayephuma igazi ngaphambili nasezinqeni.   

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Lihlehlile elothweswe elokubulala umholi weMKP

Lihlehlile elothweswe elokubulala umholi weMKP

UBUYELA enkantolo ngenyanga ezayo othweswe icala lokubulala, umdidiyeli woMkhonto weSizwe Party (MKP) kwiSifunda Ugu, njengoba ebevele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe namhlanje (ngoLwesithathu). Ummangalelwa uMnu Lungani Lushaba (44) oboshwe ngesonto eledlule, uthweswe...

Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

ISIPHENDUKE indaba egudwini eyomyeni oshaqwe ngamaphoyisa esekhweni, osolwa ngokuthi ulobole ngezinkomo zokwebiwa eziwu-5, emndenini wakwaXulu, eNtinini, eVryheid. ILANGA lithole ukuthi uMnu Buzetsheni Sibiya waseNgoje, eVryheid uvele eNkantolo yasoPhongolo,...

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala. Lokhu kuza emva kombiko...