
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa obambile kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalisa usememezele ukuthi ikhabhinethi isisamukelile isicelo sakhe sokuthi uKhomishana wamaPhoyisa wakwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi abe yiNhloko yoKlebe kuzwelonke.
UCachalia ubefake lesi sicelo enxusa ikhabhinethi ukuthi yamukele isicelo sakhe sokuqoka uMkhwanazi kulesi sikhundla samaphoyisa. Uthe njengoba ayecelile ikhabhinethi selisamukele isicelo sakhe. Ukuqokwa kukaMkhwanazi kulesi sikhundla kuza emva kokuthatha umhlalaphansi kukaJenene Godfrey Lebeya ngoNhlaba (May) nyakenye okunguyena obesiphethe.
UNgqongqoshe uCachalia ubedinga imvume yekhabhinethi ngaphambi kokuthatha lesi sinqumo.
UCachalia uthe ukuqokwa kukaMkhwanazi kulesi sikhundla kuzolekelela imizamo abaphezu kwayo yokulwa nobugebengu bamacala ahleliwe. Uthe bake bamqoka uMkhwanazi ukuthi ahole ithimba lenhlanganisela yamaphoyisa kazwelonke nawezifundazwe. Ngalokho uthe uyajabula ukuthi ikhabhinethi ivumelene naye ukuthi kuqokwe uMkhwanazi ekubeni yiNhloko yoKlebe okuzosiza kakhulu ekulweni nobugebengu bamacala ahleliwe.
UMkhwanazi ube sematheni kusuka ngoNtulikazi nyakenye ngesikhathi enesithangami sabezindaba lapho aveza khona ngobugebengu osebungene nasemaphoyiseni.
Ukukhuluma kwakhe eveza lezi zindaba kuholele ekuvulweni kwekhomishana kaMadlanga eyenze uphenyo njengoba kunenqwaba yamaphoyisa aseboshiwe manje esolwa ngokusebenzisana nezigebengu esebenzisa amandla awo.
tndlovu@ilanganews.co.za







