Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uchitha eyocansi nowokufika onesifo esingajwayelekile

Uchitha eyocansi nowokufika onesifo esingajwayelekile

by | 27 May 2026

NguNkz Thembi Nhleko egaxe indodakazi yakhe enokugula okungajwayelekile, uNkz Snenhlanhla Khoza (31).
ISITHOMBE SITHATHWE NGUJOHN HLONGWA

IYAMKHATHAZA indaba yokusabalala kokuthi walala nomuntu wangaphandle owesifazane waseDukuduku, eMtubatuba, onesikhumba esimenza abukeke njengomuntu osegugile, yize esemusha.

Lokhu kuvezwe nguyena uqobo uNkz Snenhlanhla Khoza (31) ophila nokugula okungajwayelekile, osekumenze wabukeka njengomuntu ogugile. Udaba lukaNkz Khoza, lusabalele ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuvela kwalo. Abantu abaningi bebengakholwa ukuthi ikhona into enjena kanti abanye bebekhombisa ukuzwelana naye.

ILANGA lihambele umndeni wakwaKhoza ngoLwesihlanu, lamfica elele uSinenhlanhla, egadwe ngunina uNkz Thembi Nhleko. Okufike kwaqapheleka wukuthi uSnenhlanhla uyakwazi ukuzikhulumela yize engaphilile njengoba engakwazi ukuzihambela. Umakhalekhukhwini wakhe ubulokhu ukhala kanti ubebuye awucofe njengoba ebona konke okukhulunywa ngaye ezinkundleni zokuxhumana.

Elandisa leli phephandaba ngokugula kwakhe, uthi okumphatha kabuhlungu wukubona abantu besabalalisa okungelona iqiniso, kokuthi walala nomuntu wokufika, okunguyena owamenza wagula ngalolu hlobo. Uthi lokhu kugula kwamqala ngo-2022, kuyinto ongathi yisihlungu emhlathini.

“Kwahamba isikhathi ngabe sengiqala ukuphalaza, kungahlali lutho esiswini. Ukusuka lapho ngaba nenkinga yokugcwalelwa ngamathe emlonyeni sengathi ngingawaphimisa njalo. Bengilokhu ngihamba odokotela kodwa bengaboni lutho olungiphethe. Kuthe kusenjalo, kwaqala ukushintsha kwesikhumba. Lokhu bengikuqaphela noma ngihamba ngoba abantu bebethi uma bekhuluma nami, bangibize ngomama ngoba bezitshela ukuthi ngimdala. Odokotela bagcine bengitshela ukuthi ukugugelwa kwami yisikhumba (genes) ngeke kusalungiseka,” esho.

Uthi ubehamba nabantu ababonayo abebemhlolela ngalokhu kugula kwakhe. Uthi omunye wamtshela ukuthi umuntu owenze lokhu kuyena yilona abethandana naye.

“Ungitshele ukuthi le nto ngiyithole kulo muntu oshadile ngoba umkakhe usebenzisa umuthi onzima, othakwe ngaphandle kwakuleli. Umuntu engigcine ukuthandana naye ngowaseLimpopo. Ngahlangana naye khona lapha eMtubatuba. Kakulona iqiniso ukuthi ngumuntu wangaphandle. Kungethusile ukubona ezinkundleni zokuxhumana sekuthiwa ngalala nomuntu wangaphandle ngase ngiba njena, futhi ngiyacela ukuba abantu bakuyeke lokho ngoba kakulona iqiniso,” esho.

Uthi ukugula kwakhe kumenzele phansi ngoba kumphoqile ukuba ashiye phansi izifundo abezenza e-Unisa. Uthi indodana yakhe eneminyaka ewu-8 kayinankinga ngesimo sakhe futhi seyisamukele.

“Kona kunzima, ingane yami isize yangijwayela kangangoba isike ingichwense ngakho ukuthi ngiwugogo, sihleke. Engikufisayo nje wukuthi ngithole usizo kunoma ngubani ongangelekelela. Umama okunguyena onginakekelayo usekhulile kakhulu, uyaphoqeleka ukuba ayokha amanzi kude. Uma nje singathola usizo lwethangi noma umpompi ngabe sisizakele.

“Ngiyafisa ukuthola noma isihlalo esihambayo ngoba kangikwazi ukuzihambela,” kuzicelela yena.

UMnu Fafa Msweli oyinduna kule ndawo, uthe imphathe kabi into eseyisabalele ezinkundleni zokuxhumana engelona iqiniso. Uthe bacela iziphathimandla eMnyagweni wezeMpilo ukuba zingenelele kulolu daba ukuze uNkz Khoza ezothola usizo. Udokotela othintwe yiLANGA, uthe njengoba kuyisifo esingajwayelekile nje lesi, kunzima ukuphawula ngaso engakasihloli isiguli ukuqonda kahle umsuka wenkinga.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...