Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kulamule amaphoyisa kubhekene abakuleli nabokufika esibhedlela

Kulamule amaphoyisa kubhekene abakuleli nabokufika esibhedlela

by | 3 July 2025


KULAMULE amaphoyisa kaMasipala weTheku naweSAPS ukuhlakaza isixakaxaka kubhekene ngeziqu zamehlo abakuleli nabakwamanye amazwe ngaphandle kwesibhedlela i-Addington, eThekwini.


Ababhikishi abayingxene yenhlangano iMarch in March bagasele kulesi sibhedlela namuhla ngoLwesine, bemasha, bavimba abantu abakuleli ngokungemthetho ukungena kulesi ibhedlela njengoba bethi sikhokhelwa ngemali yabakhokhintela.


Abe March in March bathi uhulumeni ubhekene nenkinga yemali, ngakho bazowusabalalisa lo mkhankaso ukuze izinsiza ezikhona ezincane zisize izakhamizi zakuleli nabo bonke abahlonipha umthetho wakuleli.


Sekuyophela isonto kwenzeka okufanayo emtholampilo waseRosettenville, eGoli, lapho ababhikishi bejikisa abokufika.


UNkk Lerato Ngobeni, we-Action SA, uthi isimo sisazoqhubeka nokuba sibi uma uhulumeni ungayisukumeli indaba yabantu abakuleli ngokungemthetho.


Ugxeke iHuman Rights Commission, nezinye izinhlangano ezilwela malungelo abantu, ngokusebenzisa umthethosisekelo wakuleli ukweseka izigilamkhuba. Uthe ukuba kwelinye izwe ngokungemvume kuyicala, ngakho owenza lokho akadingi ukuvikelwa wumthetho wakulelo lizwe ngoba akawuhloniphi.

Ezisematheni

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

KALIKHO iqembu elizowina udede, liphathe lodwa kuMasipala weTheku okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kuvezwe wucwaningo oluqhutshwa yiMark Data Poll, olucwaninga ngemiphumela yalolu khetho komasipala abahlukene. Ucwaningo...